26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

oqinisekisa ukuthi ukufunda okubhaliwe akusho ukufunda amagama abhaliwe, kodwa

kungukuthola umqondo, ukwazi ukuthola umlayezo oqukethwe embhalweni, okuyinto

ekhula njalo lapho ofundayo ejwayela noma ezejwayeza ukufunda okubhaliwe (Joubert et

al, 2008). Lapho uGrabe (1991) echaza, ubeka ukuthi ukufunda okuyikho yilokho

okunenjongo ethile, okukhululekile, okukhulayo futhi kwakhe umqondo.

UPretorius (2009) ubeka ukuthi izinto ezisemqoka ekufundeni, uthisha lapho efundisa

okumele agxile kuzona kubantwana abasafufusa ekufundeni ulimi yilezi ezilandelayo:

ulwazi lwezimelamsindo noma lwemisindo, ulwazi lokuhlonza noma lokubona amagama,

ulwazimagama, ukufunda ngokungangingizi noma ngokunganqikazi, kanye nokufunda

ngokuqondisisa. Kanjalo ne-Teacher’s Handbook for Teaching Reading in the Early

Grades (2007, p. 11) iyakugcizelela ukuthi abacwaningi abaningi abaphathelene

nokufunda okubhaliwe bayavumelana ngokuthi lokhu kokuhlanu yikhona okubalulekile

okufanele abantwana abasafufusa ukuze bathuthuke ekufundeni kwabo okubhaliwe.

Kanjalo futhi uSweet benoSnow (2002, pp. 23-24) babuka ukufunda okubhaliwe

njengokwakhiwa komqondo wokufundwayo. Abanye abacwaningi nosonjulalwazi

bokufunda okubhaliwe, sebeke baba nempikiswano ngokuthi ukufunda okubhaliwe

empeleni kufanele yini ukuba kungathiwa ukufunda okubhaliwe uma ngabe lezi zinto

ezinhlanu esengike ngazibala ngenhla zingekho kumbe zingeyona ingxenye ebalulekile

ekufundeni okubhaliwe, ngaphandle-ke uma konke lokhu kukhona futhi kuyinto

ebalulekile lapho kufundwa okubhaliwe (Schnarrx, 2005). U-Goodman (1967) ugcizelela

ukuthi:

Reading is a psycholinguistic guessing game. It involves an interaction

between thought and language. Efficient reading does not result from precise

perception and identification of all elements, but from skill in selecting the

fewest, most productive cues necessary to produce guesses which are right

the first time. The ability to anticipate that which has not been seen, of

course, is vital in reading, just as the ability to anticipate what has not yet

been heard is vital in listening.

Lawa mazwi acashunwe ngenhla, akhombisa ukuthi uGoodman ubuka ukufunda

okubhaliwe ngehlo lama-psycholinguists. Ngamanye amazwi, lokhu kucacisa khona

ukuthi ukufunda okubhaliwe kuya ngokuthi lowo okuchazayo yena ukubuka kanjani.

134

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!