26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

) nokufunda okubhaliwe ngesiNgisi ulimi lwesibili nesiFrentshi, ulimi lwasekhaya

kubafundi abenza isigaba sokuqala emibhalweni yesi-French ekolishi laseMelika.

skills 5

Ucwaningo lwaveza ukuthi amakhono okufunda okubhaliwe ngolimi lokuqala

ayehlobene namakhono okufunda okubhaliwe ngolimi lwesibili kubafundi abaningi

ababefunda ngokugculisayo, kokubili isiFrentshi nesiNgisi. Ngaleyo ndlela amakhono

ababewasebenzisa olimini lwabo lokuqala isiFrentshi, babebuye bawasebenzise

nasolimini lwesiNgisi ngempumelelo. Lokhu kucacisa khona ukuthi nalapha esiZulwini,

kungabasiza abafundi ukuzuza amakhono okufunda umbhalo ngolimi lwabo lwasekhaya

ngoba bangabuye basebenzise wona lawo makhono uma sebefunda imibhalo yesiNgisi.

Ngaleyo ndlela lapho uthisha efundisa isiZulu njengolimi lwasekhaya, kubalulekile

ukuthi abhekisise indlela afundisa ngayo lolu limi ngoba amakhono abafundi

abawazuzayo lapho befundiswa, bangabuye bawasebenzise nalapho sebefunda isiNgisi,

okululimi lokwethekelwa kubo.

Ngonyaka wezi-2005, i-National Assessment of Educational Progress (NAEP) eMelika,

ehlola ulwazi lokufunda okubhaliwe kubafundi bamabanga esi-4, lesi-8 kanye nele-12;

yaqinisekisa ukuthi abafundi basemazingeni aphezulu ezikoleni nasezikhungweni

zemfundo ephakeme, bafunda kalukhuni. I-NAEP yaveza ukuthi ukufunda kwalezo

zingane ngokuqondisisa kwakusezingeni eliphansi kakhulu (USA Department of

Education, 2005). Kanjalo nase-Australia, kule minyaka edlule ucwaningo lwaveza

ukuthi abafundi abanawo amakhono okufunda okubhaliwe ngokuqondisisa emabangeni

aphansi kuya kwaphakathi nendawo kanti nothisha ngokwabo abakuqondi ukuthi kusho

ukuthini ukufundisa ingane ukufunda okubhaliwe (Woolacott, 2002). Lokhu kusho

5 Making inferences: Making an inference is also known as reading between the lines. The reader must put

together the information the author provides and the information that the reader already knows to come up

with the answer. (the text + previous knowledge = inference) (kimskorner4teachertalk.com, 2007).

46

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!