26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sesine, uDuffy (2009, p. 198) ugcizelela ukuthi

ulwazi lwezimelamsindo, lokhu othisha abathi yimisindo, kumele lufundwe

njengesendlalelo sokuzofundwa (pre-reading activity) futhi kuvame ukufundiswa

izingane ezisacathulayo ekufundeni okubhaliwe. Lokhu kusho khona ukuthi njengoba

othisha begxila ekufundiseni ulwazi imisindo kuze kuphele iviki, okuyinto eyenzeka

masonto onke, kusho ukuthi basuke besesigabeni sesendlalelo sokuzofundwa lonke lelo

viki. Ngaleyo ndlela abafundisi izingane benenhloso yokufunda okubhaliwe, okungukuba

izingane zifunde okubhaliwe ngokukuqonda, kakhulukazi esikoleni iMbalenhle ebangeni

lesibili nelesithathu, naseGolide ebangeni lesibili.

Nakuba nakhona ebangeni lesithathu esikoleni iGolide uthisha uNtombifuthi engagxili

kakhulu emisindweni, kodwa, yize esebenzisa imibhalo eyizindaba ukuba izingane

zifunde, okukhulu kuye kusuke kuwukuba izingane zifunde ukuhlonipha izimpawu

zokukhanyisa, ukuphimisa kahle amagama lapho zifunda, kodwa zingathuthuki

ngokuzimela ekufundeni okubhaliwe. Ngikusho lokhu ngoba akaniki izingane ithuba

lokuba zizitholele zona ngokwazo ukuthi indaba ikhuluma ngani, ziqagele noma

zibikezele okuzokwenzeka endabeni, njalonjalo. Kodwa zithi ziqambe ziyifunda indaba,

zisuke seziyazi yonke.

Ngikusho lokhu ngoba usuke esezixoxele indaba yonke, futhi wazifundela yena kuqala

ngaphambi kokuba ziyifunde. Ngaleyo ndlela uthisha wenzela izingane umsebenzi

okufanele ukuba ngabe zizenzela zona. Lokhu kuphambene nombono wama-social

constructivists, abeka ingane phambili, kube yiyona ebalulekile, nebambe iqhaza

elibonakalayo ekufundeni kwayo. Ngamanye amazwi yingakho ukuthuthuka kwezingane

ekufundeni okubhaliwe kuhamba kancane, kusukela emabangeni aphansi.

Kuyacaca futhi ukuthi lapho othisha befundisa, abagcizeleli ukuba izingane zifunde

umbhalo ngokuwuqondisisa kodwa bagcizelela ekutheni zikwazi ukubhala amagama

nemisho. Lokhu akwehlukile kulokhu okushiwo ngabacwaningi ukuthi lapho umuntu

efunda umbhalo kodwa ebe engaqondi lutho ngawo, kufana nokuthi lowo muntu

‘uzisholo nje amagama asembhalweni noma uyawaphimisa’ kunokuba kungathiwa

284

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!