26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ukukhuluma afana namabizo athile, izenzo, izinto eziphathekayo kanye nezinto nje eye

izibone zenzeka (Piaget & Inhelder, 1969; Block & Israel, 2005). Ngamanye amazwi,

lapho othisha besebenzisa ulimi ngendlela abalusebenzisa ngayo lapho befundisa

ukufunda, lokhu kusho ukuthi bafundisa izingane ukuthi zenze okwenziwa yibo.

Ngikusho lokhu ngoba uma izingane zibukela kubo indlela ulimi olunukubezwa ngayo

lapho othisha befundisa ukufunda okubhaliwe, lokhu nazo zingakubukela, zikwenze

njengoba yinto eziyibukayo, eziphila kuyo, eyenzeka phambi kwazo. Ngakho-ke, uma

othisha nomphakathi bebhebhezela umoya wokwenyanya ulimi lwesiZulu, lokhu

kungalimaza izingane, zihluleke ukuqonda imibhalo ngendlela okufanele ukuba ngabe

ziyiqonda ngayo.

Nakuba bonke othisha bekhombisa ukuzenyeza ngolimi lwesiZulu, bacheme nesiNgisi,

kodwa uthisha uNtombifuthi wakhombisa ngokwedlulele ukuthi isiZulu akasithandi,

uthanda isiNgisi kunaso. Lokhu kwabonakala nangendaba ayikhethayo efundisa izingane

ukufunda okubhaliwe, kanye namazwi aphawula ngawo ngesikhathi efundisa le ndaba,

njengoba ngivezile esahlukweni sesikhombisa. Le ndaba yayincoma ubumqoka bokwazi

isiNgisi (Bheka iseleko se-15, ekhasini lama-381 ohlwini lezeleko ngemuva). Kusobala

ukuthi ukukhetha le ndaba wakwenza ukuze agqugquzele izingane ukuthi zicheme nolimi

lwesiNgisi kunokuba zithande ulimi lwazo lwesiZulu.

Ngakho-ke kuyacaca ukuthi njengoba othisha besebenzisa isiNgisi lapho befundisa

ukufunda okubhaliwe olimini lwesiZulu, abanayo inhloso yokwenza izingane ukuba

zifunde ngokuzigqaja ngolimi lwazo lwesiZulu, zisibone sibalulekile kunanoma yiluphi

olunye ulimi olukhona eNingizimu Afrika. Kulapho kuvela khona umonakalo olimini,

uma abasebenzisi balo ulimi uqobo, benesandla ekululimazeni. Lokhu kusho

ukushabalala kolimi lwesiZulu sempela esingaxutshwe nalulimi, ngamanye amazwi,

esimsulwa.

Kunezinkonondo eziningi ngabamaphephandaba nomabonwakude, kanye neminye

imithombo yezindaba, ngokujivaza ulimi lwesiZulu. Kodwa le mithombo nakuba

inesandla ekulimazeni ulimi lwesiZulu, izikole nazo zingeke zashiywa ngaphandle ngoba

294

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!