26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ulimi lwesiZulu emphakathini lusetshenziswa luxutshwe nesiNgisi. Ngakho-ke isiZulu

‘siyinkinga’ lapho sisetshenziswa sisodwa singaxutshiwe nesiNgisi. Lokhu kusho ukuthi

othisha bona luqobo bathatha isiZulu njengenkinga. Lokhu kubiza ulimi lwesiZulu

‘ngenkinga’ kuyahambisana nalokhu uNdimande-Hlongwa (2009, p. 38) akuchazayo

lapho ethi:

Imiphakathi ethi ulimi luyinkinga yileyo enezilimi ezihlanganiswe nezinye

noma ezahlukene. ENingizimu Afrika izilimi zomdabu zase-Afrika

bezibandlululwa futhi zibukelwa phansi. Bezithathwa njengezilimi

eziyinkinga nguhulumeni wobandlululo. Umqondo wokuthi izilimi zomdabu

ziyinkinga usaqhubeka yize noma lezi zilimi sezisemthethweni

ngokwenqubomgomo yolimi. Abantu abansundu akufanele bacabange ukuthi

ulimi luyinkinga ngoba aliyona.

La mazwi acashunwe ngenhla akhombisa ngokusobala ukuthi inkinga ilele kubo othisha

ngokuthi kube yibo ababiza ulimi abalufundisayo nokululimi lwabo uqobo ngenkinga

lapho befundisa ukufunda okubhaliwe. Ngikusho lokhu ngoba yibona bantu okufanele

ukuba ngabe bayaluthanda ulimi lwesiZulu ukuze nezingane ziluthande. Lapho izingane

zifakwa umoya wokuthanda ulimi lwazo ngothisha, lokhu kungaphumela nakubazali

bazo, kanjalo nasemphakathini wonke. Ngikusho lokhu ngoba othisha bayingxenye

yomphakathi, futhi banamaqhaza abalulekile emphakathini abawabambile. Kanjalo

nezingane, awukho umphakathi ongenazo izingane.

Izingane zingawenza umehluko emphakathini ngokwazo uma zingafakwa ngothisha

uthando lolimi lwazo. Ngamanye amazwi lapho othisha nomphakathi kubona isiZulu

njengenkinga, lokhu kungalimaza imiqondo yezingane ngolimi lwazo, ngakho bese

zingafuni ukulufunda. Ngamanye amazwi, lokhu kuhambisana nokushiwo uVygotsky

(1978) lapho ethi ulwazi ingane evele inalo eluthola emphakathini, usikompilo kanye

nolwazi olusha, kuyahlangana lapho ingane ifunda umbhalo ukuze iwuqonde. Ngamanye

amazwi, izingane zilimala kuzo zombili izindawo, esikoleni nasemphakathini mayelana

nolimi lwazo.

Kanti futhi lokhu kuyahambisana nokugcizelelwa ngabacwaningi abaningi

abangabalandeli benjulalwazi kaVygotsky (1978) ababeka ukuthi ingane ifunda ukufunda

okubhaliwe kusukela ezintweni ezenzayo; kusukela emagameni efunda ngawo

293

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!