26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ububi bale ndlela yilobu obulandelayo:

� Isivinini sokufunda umbhalo siyehla ngoba abantwana bagxila ekufundeni igama

negama.

� Ukuhamba kwehlo ngokushesha lapho kufundwa akuthuthuki kahle ngenxa

yokuthi indlela amehlo ahamba ngayo lapho ingane ifunda awakwazi ukushesha

agxumele egameni elilandelayo ngenxa yokuthi ajeqeza emumva ekuxhumaneni

nomsindo wegama eselifundiwe.

� Ukugcizelela kusekufundeni ngendlela eyiyona, amagama abizwe ngendlela eyiyo

(correctness), okuholela ekulahlekeni kwalokho okubalulekile, ukuqondisisa

umbhalo.

� Ayiyikhuthazi ingane ukuba isebenzise ezinye izindlela zokuthola umqondo

wegama njengezithombe nokunye.

� Ayiyikhuthazi ingane ukuba izifundele ngokuz imela. Abanye abafundi bemibhalo

bayithola iwuhlupho kakhulu le ndlela, ngendlela yokuthi abaze bangaqala

nokuqala ukuyisebenzisa ekufundeni ezinye izincwadi.

Ubuhle bayo le ndlela:

Ubuhle bayo kungaba ukuthi ingasetshenziswa njengethuluzi ukwakha umqondo

wegama. Ingane engazithola ithwele kanzima ngokungalazi igama elithile elifundayo,

ingavele iliphimise igama njengoba libhaliwe. Abantwana abafundiswe ngale ndlela,

bapela kahle amagama (spell accurately). Lapho umfundi ezoba nezinkinga ekufundeni

nasekubhaleni, kusheshe kubonakale lapho kusetshenziswa le ndlela, kanti

ukuphendukezela amagama akuvami. Nakuba kunjalo-ke, umbuzo omkhulu kungaba

ukuthi yiyona yiphi kanti injongo yokufunda umbhalo? Ukuba ingane ithuthukiswe

ekufundeni umbhalo, izuze uthando lokufunda umbhalo, ifunde ngokuqondisisa, noma

ukukhuthaza ingane ukuba ipele amagama ngendlela eyiyo, ithole ukufunda umbhalo

kuyisinengiso (Joubert et al, 2008, p. 91)?

72

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!