26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

yokufundwayo njengokuthi zizakhele amagama lawo zona ngokwazo zisebenzisa

imisindo esebhodini, bese kuthi lawo magama asetshenziswe ukwakha imisho

emifushane. Bayazenza futhi izingane zikhulume ngezikwaziyo, okungaba ezisuka nakho

ekhaya nasemphakathini, njengokuthi nje lapho uthisha efuna benze izibonelo ezithile,

ubabuza ngokwenzeka ekhaya, abake bakubone, abanakho, njalonjalo. Okunye futhi

ukuthi lapho othisha bethula umsindo, kuba nesithombe sento ethile abayaziyo, baqale

baxoxe ngayo, abafundi babe yingxenye yokufundwayo, ingxoxo ikhombise ukuthi

bayakuqonda abazofunda ngakho, bese kuba yikho-ke ukuthi othisha banamathela

kakhulu emisindweni leyo nasekwakhiweni kwamagama azihambela wodwa

nasekuwabhaleni kuze kube yisikhathi eside, okuyinto ethatha iviki lonke. Kwaqapheleka

futhi ukuthi uthisha webanga lesithathu uNtombifuthi waseGolide ubambelele

enkolelweni yokuthi afundele abafundi indaba abazoyifunda kuqala, abakhombise indlela

amagama afuna bawaphimise ngayo lapho sebefunda, alingise, kube yikho-ke ukuthi

ugxila ekuphinyisweni kwamagama ajahe ekubuzeni imibuzo esekupheleni kwendaba

ukuhlola ukuthi bayiqondile yini abafundi. Lokhu kukhombisa ukuthi ukholelwa yikho

lokhu ngoba kuleyo naleyo ndaba ayeyifundisa, wayekwenza lokhu, kanti

kuyahambisana ne-scaffolding lapho uthisha ekhombisa izingane indlela okufanele zenze

ngayo umsebenzi othile, enze yena kuqala, ngenhloso yokukhomba indlela, bese ezinika

zizenzela ngokwazo.

Kwatholakala ukuthi othisha banalo ulwazi lokuthi abasibona abashumayeli, kodwa

basebenzisa inkulumo-mpendulwano (dialogue) phakathi kwabo nabafundi. Bonke

othisha babeyenza ‘iphile’ le nkulumo-mpendulwano, futhi babekhombisa ukuthi

bayaqonda ukuthi kubalulekile ukuthi abafundi basebenzisane. Ngikusho lokhu ngoba

babeye banikeze abafundi imisebenzi ngokwamaqembu ngezinye izikhathi, nalapho

befunda ebhodini babeqala bafunde njengekilasi lonke, bahlukaniswe ngokwamaqembu

ahamba ngabathathu noma ngabane, babe babili kugc ine umfundi esefunda ngokuz imela

eyedwa. Ngalesi sikhathi othisha babesuke bekhomba ngenduku ebhodini. Kanti futhi

othisha babengahlali phansi behamba bebheka abafundi lapho kunemisebenzi abayenzayo

ekilasini. Kwagqama ukuthi bayakholelwa yilokhu othisha. Kanti lapho kubhekwa lezi

276

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!