26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

okwabe kwenzeka emakilasini ngesikhathi othisha befundisa ukufunda okubhaliwe.

Ngangingeyona ingxenye yokwenziwa abacwaningwayo ngoba ngangingabambe qhaza

kwababekwenza. Lokhu kusho ukuthi ngaya endaweni yocwaningo, ngigxile kuphela

eqhazeni lami njengomcwaningi obukelayo kuphela okwenziwa ngabacwaningwayo.

UNieuwenhuis (2008) uhlukanisa izinhlobo ezimbili zama-observers. Ubala i-participant

as observer kanye ne-observer as participant. Ubeka kanje uNieuwenhuis ngalezi

zinhlobo ezimbili zama-observer:

Observer as participant means that one gets into the situation, but focuses

mainly on his or her role as an observer in the situation. In this way one may

look for patterns of behaviour in a particular community to understand the

assumptions, values and beliefs of the participants and make sense of social

dynamics – but the researcher remains uninvolved and does not influence the

dynamics of the settings. On the other hand participant as observer is

typically found in action research projects where the researcher becomes part

of the research process, and works with the participants in the situation to

design and develop intervention strategies. The researcher becomes a

participant in the situation being observed, and may intervene in the

dynamics of the situation and even try to altar it. The researcher thus

immerses himself or herself in a chosen setting to gain an insider’s pespecive

of that setting.

(Nieuwenhuis, 2008, p. 85)

Ngale ndlela-ke ngakhetha ukuba yi-observer as participant njengoba iqhaza lami kwabe

kuwukubukela lapho othisha befundisa; angizange ngifundise ukufunda okubhaliwe

njengalokhu kwakwenza othisha. Ngamanye amazwi alikho iqhaza engalibambayo

ngesikhathi ngibuka okwakwenzeka emakilasini ngesikhathi othisha befundisa, noma

ngabe uthisha wayengenza ngendlela ethile engangingaphawula ngayo. Akukho futhi

lapho engake ngabuza khona ukuthi bakwenzelani ukuthi nokuthi ngesikhathi ngibabuka

befundisa. Angibuzanga ukuthi yini indaba kube khona ukuthi nokuthi esikhundleni

sokuthi nokuthi; nanokuthi kungani benza ngendlela ethile, njalonjalo, ngenxa yokuthi

ngangiliqonda okuyilona qhaza lami ocwaningweni lwalolu hlobo.

Lokhu kwakungenxa yokuthi okuyiyona nhloso yakhe yokubukela othisha emakilasini

lapho befundisa kwakuwukuba ahlanganise lokho abakushoyo ngesikhathi enezingxoxo

nabo kanye nalokho ababekwenza ukuze kube nesithombe esicacile ngesimo

ayesicwaninga ukufundisa ukufunda okubhaliwe emakilasini esiZulu njengolimi

101

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!