26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

4.7.4.1.3 ULWAZIMAGAMA (VOCABULARY)

Ngokwejwayelekile, ulwazimagama (vocabulary) ulwazi lwamagama noma lwezincazelo

zamagama okufanele umfundi awazi lapho efunda okubhaliwe; awazi kanye nezincazelo

zawo. Kodwa-ke ulwazimagama yigama elithe ukujula kunale ncazelo. Okokuqala,

amagama angaba ngabhaliwe kumbe ngakhulunywayo. Ulwazimagama lwamagama

akhulunywayo (oral vocabulary) luhlanganisa amagama esiwaziyo futhi esikwazi

ukuwasebenzisa ekulaleleni nasekukhulumeni. Ngakolunye uhlangothi ulwazimagama

lwamagama abhalwe phansi (print vocabulary) luhlanganisa amagama esikwazi

ukuwabona siwaqonde lapho sifunda umbhalo kumbe sibhala. Okwesibili, ulwazi

lwamagama lunezinhlobo ezimbili, okungaba yi-receptive ne-productive form. Lapho

sikhuluma ngolwazimagama olu-receptive, sikhuluma ngalawo magama esikwazi

ukuwezwa ngezindlebe futhi siwabone ngamehlo.

Kanti lapho kukhulunywa nge-productive vocabulary lapho kushiwo lawo magama

esiwasebenzisa lapho sikhuluma noma sibhala. Ngale ndlela, i-receptive vocabulary ithe

ukwendlaleka kune-productive vocabulary, futhi ihlanganisa namagama amaningi

esikwazi ukuwanika izincazelo, noma ngabe singawazi kwasanhlobo singakaze

siwabone, singazi ngisho nezincazelo zawo futhi esingawasebenzisi nje lapho sikhuluma

noma sibhala (Lehr nabanye, 2008). Nakuba ziningi izincazelo zaleli gama elithi

ulwazimagama, kodwa kulolu cwaningo, leli gama lisetshenziswe ukuchaza ulwazi

lwamagama kanye nezincazelo zawo, okungaba ngakhulunywayo kumbe abhalwe phansi,

futhi ngazo zombili izindlela; i-receptive ne-productive forms. U-Duffy (2009) ugcizelela

ukuthi:

Comprehension is the essence of reading because the goal of written language

is communication of messages. If we do not understand the message, we are

not reading. And vocabulary is fundamentally important for understanding the

message. (p. 14)

Ngakho-ke ukuze abantwana bathuthuke ekufundeni okubhaliwe, kumele babe nolwazi

lwezincazelo zamagama futhi bakwazi nokuwaqonda. Ukwazi izincazelo zamagama

amaningi kunyusa isivinini sokufunda kanye nokuqondisisa umbhalo (DoE, 2008, p. 16).

Amanye amagama umntwana uyakwazi ukuzitholela yena embhalweni, elandela indlela

142

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!