26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngolimi, amakhono okuhlaziya amagama, amasu okufunda okubhaliwe, kanye

nokuqonda ngekilasi kanye nokwenzeka kulo (Ruddell and Unrau, 2004, p. 1464).

Ukwazi komfundi ukwakha, alandelele bese enikeza incazelo (to construct, monitor, and

represent meaning) kuchaza ukusetshenziswa kolwazi kanye nendlela olulawulwa ngayo.

Lapho sekwakhiwa umqondo wombhalo ofundwayo, kusuke kuhamba phambili injongo

namasu asetshenziswayo ngenkathi esebenzisa ulwazi olugciniwe ngakwaziyo

nakholelwa kukho lowo ofundayo (p. 1464). Akholelwa kukho lowo ofundayo

nakwaziyo yikhona okusiza ekuqinisekeni, ekuphikiseni kumbe ekuchitheni izinqumo

azithathayo mayelana nencazelo entsha (Ruddell & Unrau, 2004, p. 1464). Izinkolelo

uthisha avele enazo (prior beliefs) mayelana nokufunda okubhaliwe kanye nolwazi analo

ngokufunda okubhaliwe kunomthelela kwakwenzayo nakucabangayo, ngoba kusuke

kusukela ezehlakalweni ake ahlangabezana nazo noma ake azibone.

Ngamanye amazwi, ulwazi lukathisha nendlela alawula ngayo ukufunda kuhlanganisa

izinqumo azenzayo lapho efundisa okuveza injongo yakufundisayo ukuqhubeka

kwesifundo, indlela enza ngayo lapho efundisa. Lokhu kuhlanganisa ngisho ikilasi

okufundelwa kulo, indlela ahlalisa ngayo abafundi, indlela ahlela ngayo umsebenzi,

kanye namasu awasebenzisayo (Ruddell & Unrau p. 1466).

Ngesikhathi ukufunda okubhaliwe kuqala, isithombe esithile siyakheka emqondweni

kathisha, acabange ngazokufundisa, okuzokwenziwa abafundi, amasu okufundisa

azowasebenzisa, izindlela zokuphatha ikilasi, kanye nokwakhiwa komqondo

okuzokwenzeka. Ulwazi uthisha analo nezinto akholelwa kuzo kunikeza imininingwane

ehlanganisa indlela azoyisebenzisa ukufaka ugqozi kubafundi kanye nendlela azofundisa

ngayo. Umbhalo ofundwayo kanye nekilasi okufundwa kulo, okuyingxenye yesithathu,

kuneqhaza elikhulu okulibambayo ekufundeni kwengane. Lokhu kungenxa yokuthi

nakho kunendawo yakho ebalulekile okuyithathayo, lapho ingane ifunda khona ukwakha

umqondo ngekufunda embhalweni. Ngesikhathi kwenzeka lokhu, umfundi wombhalo

usuke engeyedwa ekilasini; usuke enothisha kanye nabanye abafundi. Kukuwo-ke

66

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!