26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Le nkulumo ecashunwe ngenhla iyakhombisa ukuthi nakuba othisha beqonda kahle

ukuthi yini okumele yenziwe ngabazali bezingane ukuze izingane zithuthuke ekufundeni

okubhaliwe, bazithola bethwele kanzima lapho abazali bengalibambi elabo iqhaza,

ngamanye amazwi babeke konke kuthisha.

5.3 INGXOXO

Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sesine, uMnyango WezeMfundo (2008c, p. 11)

ubala izingxenye ezinhlanu ezibalulekile ekufundiseni ukufunda okuyilezi ezilandelayo:

ulwazi lwezimelamsindo, ulwazi lokubona/ lokuhlonza amagama, ukuqondisisa ,

ulwazimagama kanye nokufunda ngokunganqikazi/ ngokungangingizi. Njengoba

esahlukweni sesine ngike ngachaza ngokuthi ucwaningo oluvele lukhona luyagcizelela

ukuthi lapho ingane ihluleka ukuqondisisa umbhalo ewufundayo, okuyiyona njongo

yokufunda okubhaliwe, kusuke kungekhona nje ukuthi leyo ngane ihlulwa ukuqondisisa

umbhalo.

Ingane ingabonakala ihlulwa ukuqonda umbhalo ewufundayo, kanti inkinga ayiqalanga

lapho, kukhona enye yalezi zingxenye zokufunda okubhaliwe ezinhlanu exegayo kumbe

enyanyalatiwe ngesikhathi ifundiswa njengoba lapho ingane ifundiswa ukufunda kumele

zonke lezi zingxenye zithuthukiswe kahle, kuze kufinyelele lapho ingane isiwuqonda

umbhalo ewufundayo (Block & Israel, 2005; National Reading Panel, 2000; Zhang,

2008; Le Roux, 2002b; USA Department of Education, 2005; Callery, 2005; Samuels,

2006; Joubert, Bester & Meyer, 2008; DoE, 2007).

Kwatholakala ukuthi othisha abakugcizeleli ukuthi lapho befundisa ukufunda okubhaliwe

nabo babuka lezi zingxenye njengezibalulekile lapho kufundiswa ukufunda umbhalo

kulaba bafundi abasafufusa ekufundeni okubhaliwe. Abagxila kukho othisha

ukufundiswa kwemisindo, okuhambisana nokufundiswa kolwazi lwemisindo ne

zimelamsindo, ukufundisa abantwana amagama kanye nezincazelo zawo, bese

bekhuluma ngokufundisa amagama okumele abafundi bawazi kuleso naleso sifundo,

okungukuthi ulwazimagama. Abakhulumi ngokufundisa izingane ngokufunda

187

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!