26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

umusho wakhe, egcizelela nokuthi amagama angantanti kodwa ahlale phezu komugqa

lapho ebhala. Lokhu kwenza kukathisha kwakuba sengathi ufundisa izingane zebanga

lokuqala, ezingakaze zikubone ukufunda kanye nokubhala. Lokhu kufakazela khona

ukuthi ukufunda ngemisindo akuthuthukisi ingane ekufundeni okubhaliwe ngesivinini

esifanelekile. Lokhu kusho ukuthi izingane ezenza ibanga lesibili ziyalingana nezebanga

lokuqala ngoba indlela ezenza ngayo, kungathi azikaze zifunde ukufunda okubhaliwe

kanye nokubhala ebangeni lokuqala. Kanti leli phuzu lifakazelwa nayibo othisha ukuthi

nasebangeni lokuqala yiyona ndlela abafundiswa ngayo lena.

6.2.1.2.4 NGOLWESINE

Usuku lwangoLwesine lwalwehlukile kunezinye. Ngalolu suku abafundi abaqalanga

ngokufunda onkamisa nemisindo njengokujwayelekile ekilasini likathisha uMbali.

Kodwa kwabanye othisha kwaba yilokho okwejwayelekile. Uthisha uMbali wathi lapho

eqeda ukubabingelela, waqalisa isifundo ngokuthi anike abafundi amaphepha asikiwe

anezinombolo kanye negama elithile elalizofundwa ngumfundi ophethe leyo nombolo.

Umfundi nomfundi wayethola inombolo yakhe eyehlukile, izinombolo zazilandelana

ngokuhlelekile.

Akusibona bonke abafundi abathola izinombolo namagama lawo. Uthisha wabe

esebatshela ukuba baye phambili labo ababezofunda ngoku landelana kwezinombolo

zabo. Bama-ke abafundi ngaphambi kwekilasi, kuyilowo nalowo ephethe lelo phepha

elinenombolo yakhe negama azolifunda. Kwaqala-ke ukufunda. Kwaqala owayephethe

inombolo yokuqala, balandelana njalonjalo zaze zaphelela izinombolo, umfundi

nomfundi efunda igama aliphethe. La magama ababewaphethe abafundi akwazi ukwakha

indatshana. Le ndatshana eyakheka ngamagama ayefundwa yizingane yayikhuluma

ngoChamane owayegula ephuma ukuyobona udokotela ngoba ephethwe yisichenene.

Kule ndaba umsindo owawugqame kakhulu umsindo u ‘ch’, ngoba amagama amaningi

ayenalo msindo. Lo msindo ka ‘ch’ base bewufundile emavikini edlule. Kwaqapheleka

ukuthi le ndaba yayingenabo ubudlelwane nomsindo ka ‘ph’ owayefundwa ngaleli viki.

205

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!