26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

‘unguZulu macansi’, ‘isiqhaza’, ‘akazi lutho’. Ngakho-ke, ngenxa yokuthi othisha

baphila kuyo imiphakathi echizela ulimi lwesiZulu, kuyacaca ukuthi nabo benza lokho

okwenziwa yimiphakathi, bakhohlwe ukuthi bona kumele babe neqhaza eliqinile

ekuguquleni ukwenza nokucabanga kwemiphakathi kanye nezingane abazifundisayo

ngolimi lwesiZulu. Lokhu kungawenza umehluko kwabakwenzayo lapho befundisa

ukufunda umbhalo olimini lwasekhaya lwesiZulu.

Inkinga yokuzenyeza ngolimi lwesiZulu ayigcini ngokubonakala kothisha esikoleni,

kodwa ibonakala nasekwenzeni kwabazali abaningi emiphakathini. Abazali abaningi,

ikakhulukazi ezindaweni zasemalokishini nasemadolobheni, bancamela ukufundisa

izingane zabo ezikoleni lapho isiNgisi sisetshenziswa njengolimi lwasekhaya, isiZulu

sibe olokwethekelwa. Nakuba ziziningi izizathu ezenza abazali bafundise izingane zabo

ezikoleni zabaMhlophe kodwa esinye sazo ukuthi baye bafise izingane zabo zazi isiNgisi.

Uma izingane ezikhuluma isiZulu zifunda kulezi zikole, iningi lazo lifunda ulimi lwazo

lwesiZulu njengolimi lokwethekelwa, njengezingane zabaMhlophe. Lokhu kwenza ukuba

nalapho sezingekho esikoleni sezisemakhaya ziqhubeke nokukhuluma isiNgisi, okwenza

ukuba lezo ezikhuluma isiZulu kuphela zibe nokuzenyeza. Nokho-ke nakuba ulimi

lusetshenziswa ngale ndlela emphakathini, kodwa akuzwakali kahle ukuthi uthisha

angazami imizamo yokulungisa isimo esisemphakathini. Ngamanye amazwi kulindeleke

ukuba uthisha enze okulungileyo, okuzothi lapho ingane isekilasini, yazi ukuthi

okuyiyona ndlela yokusebenzisa ulimi yiyona yiphi.

Ngike ngaveza esahlukweni sesikhombisa ukuthi umthelela wokuthi othisha abafundisa

isiZulu bangasithandi kodwa bathande isiNgisi, uyabonakala nasezinganeni. Isibonelo,

ngesikhathi umcwaningi evalelisa ezinganeni nakothisha ngosuku agcina ngalo uthisha

uZandile nekilasi lakhe badwebela umcwaningi ikhadi. (Bheka iseleko se-11 ekhasini

lama-362 ezelekweni ngemuva). Leli khadi laliqukethe la mazwi:

Besingazi ukuthi usithanda kangaka. Besingazi ukuthi ulimi lwethu

lwesiZulu kukhona abazihluphayo ngalo. Sikufisela impumelelo kulolu

cwaningo lwesiZulu olwenzayo. Siwuthandile umoya wakho omuhle.

Uyisibani esihle kithina.

297

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!