26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

1.16UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWANAMUHLA

UCoyne, uKame’Enui kanye noCarnine (2007) bathi luningi ucwaningo oseluke

lwenziwa mayelana nokufunda imibhalo kodwa oluningi lwalugxile emaswini okufunda

ngokuqondisisa asetshenziswa abafundi abafunda kahle, kanti futhi lokhu kusabonakala

kuyinto esenzeka ngisho namanje. Ngaphandle kwalokhu, okunye ukuthi kwakuye

kutholakale ukuthi umcwaningi ugxile engxenyeni eyodwa kulezi ezinhlanu

ezibalulekile lapho umuntu efunda ukufunda, alibale ngezinye, angabe esabheka ukuthi

zonke lezi zingxenye ezibalulekile eziholela ekutheni umuntu akwazi ukufunda

ngokunomqondo. Lezi zingxenyana yilezi: ulwazi lezimelamsindo/ lemisindo, ulwazi

lokubona amagama ukufunda ngokunganqikazi/ ngokungangingizi, ulwazimagama

kanye nokufunda ngokuqondisisa (Coyne et al, 2009).

UCommeyras (2009) waseNyuvesi yaseGeorgia eMelika uyakuqinisekisa ukuthi

ukufunda umbhalo kuyilokhu okuyikhona nje ngenxa yokubhala noma ngenxa

yokubhaliwe. Kanjalo nokubhala ukuze kube yimpumelelo kudinga kube khona

ukufunda “Reading is what it is because of writing; and writing is what it is because of

reading”. Uqhuba achaze ukuthi ukuze umuntu akwazi ukufunda nokubhala (literacy)

kumele zombili lezi zinto zithathwe njengezisemqoka. Ngale ndlela ubalula ukuthi

ofundiswa ukufunda akumele ukufundiswa kwakhe ukufunda okubhaliwe kuthathwe

njengento eyehlukile noma eqhelelene nokubhala (Commeyras, 2009, p. 1). Isizathu

salokhu kungenxa yokuthi lapho ofundayo efunda, usuke efunda okubhaliwe, kanjalo

obhalayo, usuke ebhala ukuze abanye bafunde akubhalile. Ngakho kokubili ukufunda

nokubhala akumele kubukwe njengezinto eziqhelelene. Sengiphetha kulesi sigatshana,

kubalulekile ukuba othisha bazi ukuthi okuyiyona nto ebalulekile ukwenza into

esemqoka ‘ibe ngesemqoka’; okusho ukuthi into esemqoka ukwenza ingane ukuba

ikwazi ukufunda futhi ikuqonde kahle ekufundayo, futhi ibe nothando lokufunda.

Lokhu kufakazelwa nangu-Duffy (2009) obeka athi:

22

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!