26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kanjalo ne-The Reading Comprehension Handout (2003, p.1) ibeka ukuthi:

Comprehension is the ability to gain meaning from text, and that it is an

interactive process involving the reader, the text, the teacher, and the context

in which it occurs.

Cishe zonke lezi zincazelo ezingenhla, zichaza kucace ukuthi okuyiyona nhloso

yokufunda okubhaliwe ukuba okufundayo akuqondisise. Ngakho-ke ukuqonda umbhalo

kuhlanganisa izinto eziningi eziyizingxenyana zokufunda, esekuke kwaxoxwa ngazo

kulesi sahluko. Ngakho-ke lapho ofundayo engawuqondi umbhalo awufundayo, kusho

ukuthi usuke engafundi okubhaliwe kodwa usuke ezisholo nje amagama, hhayi ukufunda

lowo mbhalo. Ngamanye amazwi usuke engakafiki kulokho okuyiyona njongo

yokufunda okubhaliwe. Lokhu kuchaza ukuthi usuke nje ezidlalela lowo osuke ethi

uyafunda uma lokho akufundayo engakuzwa noma engakuqondisisi. Ngale ndlela

isizathu sokufunda okubhaliwe ukuqonda umlayezo osuke uqukethwe umbhalo.

UMcGuinness (2004, p. 211) uthi amagama abhaliwe awulimi olukhulunywayo kodwa

olubhalwe phansi. Ngale ndlela umbhalo usebenza njengesisefo sokwedlulisa imilayezo

ngamagama akhulunywayo kodwa abhalwe phansi, kube ngenye yezindlela zokudlulisa

umlayezo. Lokhu kusho ukuthi ofundayo kumele awazi amagama akhulunywayo noma

esebhalwe phansi futhi awaqonde, aphinde awazi nokuthi abhalwa kanjani.

U-McGuinness uqhubeka achaze ukuthi ukufunda amagama enjengoba enjalo

embhalweni nokufunda ngokungangingizi kuholela ekufundeni ngokuqondisisa, kanti

lokhu kungehlukaniswe nolwazimagama lwengane kanye namakhono ayo okuqondisisa

(p. 211).

Injongo yokuzuza elinye nelinye lamakhono ayizingxenye ezibalulekile ekufundeni

umbhalo ukuba ofundayo aqondisise lokho akufundayo. Ngamanye amazwi

ukuqondisisa kuyinto yokugcina ekufundeni ukufunda okubhaliwe kanti futhi

kuhlanganisa konke okwenzeka ngaphambi kwakho (McGuinness, 2004, p. 212). Lokhu

kuchaza ukuthi lapho abantwana bengenzi kahle esivivinyweni sokufunda

ngokuqondisisa, akukhona nje ukuthi basuke behlulwe ukuqondisisa umbhalo, kodwa

kungaba ukuthi ngelilodwa lamakhono kulana amane ayizingxenye ezibalulekile

146

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!