26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kwakungenzeki zibe mbili izincwadi ezifundwayo ekilasini, kwakunguMasihambisane

kuphela, kanti futhi abafundi babezithengela leyo ncwadi, ayikho eyayitholakala

esikoleni. Kwakungabi bikho ushintsho mayelana nezindlela zokufunda lapho

kuqhathaniswa ibanga lesibili nelesithathu nelesine, ngoba kula mabanga kwakufundwa

zona izindaba ezazikuMasihambisane. Indaba eyayifundwa kwelinye ibanga wawusuke

sewazi ukuthi uzoyifunda nawe ngonyaka olandelayo uma yayifundwa yibanga

ozolifunda ngonyaka olandelayo. Lokhu kwakungenxa yokuthi onke amakilasi

ayehlangene kuleyo ndlu eyodwa. Abafundi babehlala ngokufulathelana

ngokwamabanga abawenzayo.

Njengoba isikole sasinothisha ababili kuphela, uthisha ngamunye wayefundisa

amabanga amabili ngokushintshana. Ukucacisa, ofundisa ibanga lokuqala wayefundisa

nelesibili, kanti omunye efundisa ibanga lesithathu nelesine. Babefunda

ngokushintshana abafundayo, omunye emva komunye. Umfundi wayefunda indaba

yonke noma kuthiwe akafunde isigaba esithile noma izigaba. Umfundi wayema lapho

kusho khona uthisha. Emva kokufunda-ke kwakulandela ukubhalwa kwamagama,

kulandelwe yindatshana. Amagama ayeye abe yishumi bese indatshana kube yisigaba

nje noma singaba imigqa emine kuya kwemihlanu. Amamaki-ke amagama ayeba

yishumi; awendatshana abe yisihlanu. Lapho umfundi ethole ngaphansi kweshumi

sekukonke, wayeshaywa kakhulu esandleni noma ezinqeni. Kwesinye isikhathi

kwakuye kwenzeke ukuthi uthisha angabi bikho ngesikhathi sokufunda ekilasini.

Wayenika abantwana umyalo ukuba bazifundele bodwa. Wayema phandle alalele ukuthi

abawubangi yini umsindo bayafunda njengokomyalo wakhe. Uma babenza

okuphambene nalokhu, babewukhomba onotshwala. Ngemuva kwalokho kufunda uma

kungabanga bikho obanjwa esephutheni lokwenza okunye, kwakubhalwa amagama,

uthisha abizele abafundi. Sincane isikhathi lapho abehlulekile babengayitholi khona

induku.

Ngaphandle kwalokhu, kwakuye kwenzeke ukuba umfundi owonile isigwebo sakhe

kube ukufunda indaba leyo okuthiwa akayifunde, afundele ikilasi, uthisha alalele. Lapho

33

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!