26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kufanele bafunde ngokuqonda umbhalo abawufundayo, kodwa bafundiswe ulwazi

lwemisindo. Ngamanye amazwi kokubili lokhu kubalulekile. Lokhu kungenxa yokuthi

abantwana bangeke bakwazi ukufunda umbhalo ngaphandle kokuba baqonde imisindo.

Abantwana kumele bazi imisindo eyenziwa yizinhlamvu ezibhalwe phansi ukuze

bakwazi ukufunda kahle. Ngaleyo ndlela okuyiyona nto esemqoka ekufundiseni

abantwana abancane ukufunda umbhalo ukufundisa imisindo ngokuthi isetshenziswe

embhalweni kunokuba ifundiswe ngayodwa, ukuze abantwana bakwazi ukwakha

ubudlelwane phakathi kwezinhlamvu, imisindo kanye nomqondo oqukethwe amagama.

Ngakho-ke kwatholakala ukuthi othisha bahambela kude nale ndlela lapho befundisa

ukufunda okubhaliwe kubantwana abancane.

Njengoba ngichazile esahlukweni sesibili, uDuffy (2009) uthi okuyiyona nto esemqoka

akukhona ukusebenzisa indlela noma amasu athile noma ukuwachaza okubalulekile

lapho ingane ifundiswa ukufunda okubhaliwe, kodwa okubalulekile ukuba into esemqoka

igcinwe imqoka, njengokuthi ingane ifundiswe ukufunda umbhalo ngokuwuqondisisa,

kunokuba kunanyathelwe endleleni kumbe emaswini asetshenziswayo ekufundiseni

ukufunda okubhaliwe.

Okunye okwaqapheleka ukuthi, othisha babesebenzisa lezi zindlela zokufundisa

ekufundiseni zonke izingane ezazisekilasini. Lokhu babekwenza nakuba beqonda ukuthi

izingane abazifundisayo azifani ngokwenza. Umbuzo engaba nawo ukuthi kwakungani

othisha besebenzisa le ndlela namasu afanayo okufundisa kuzo zonke izingane ekilasini,

yize babazi ukuthi amazinga azo okufunda awafani? Kodwa-ke njengomcwaningi,

ngangingayile ukuyogxeka ababekwenza othisha, kodwa inhloso yami kwabe

kungukubheka lokho abakwenzayo lapho befundisa.

264

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!