26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

sesithathu, le ndawo oJoubert nabanye (2008) babeka ukuthi kumele kube yindawo

ethandekayo, ezoheha abafundi ukuba babe nothando lokufunda futhi kube yindawo

ehlanzekile, abafundi bavame ukuziyela ngaphandle kukathisha ukuzifundela izincwadi

ezinezithombe nokunye (p. 112).

Ekilasini likathisha uThandi wasesikoleni iMbalenhle kwakunebhodi elalidliwe

ngumuhlwa elalingasasebenzi kodwa lisodongeni. Okunye okwaphawuleka ukuthi

kwakunezithombe ezindongeni njengoba ngike ngachaza phambilini kuso lesi sahluko.

Okwakumangalisa ukuthi lezi zithombe zazihambisana namagama azichazayo abhalwe

ngesiNgisi (picture-word association in English), njengoba ngike ngachaza endikimbeni

yezinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe. Isibonelo, ekilasini likathisha uSbo,

kwakunezithombe emashadini ayishumi nesikhombisa. Onke lawo mashadi anezithombe

ayebhalwe ngesiNgisi. Kukodwa lokhu kwakumangalisa ngoba emabangeni aphansi

asikho isifundo esifundwa ngolimi lwesiNgisi, ngaphandle kolimi lwesiNgisi

lunjengesifundo esizimele. Amashadi ayebhalwe ngesiZulu, kuwo wonke amakilasi

ezikoleni zombili yilawo ayeba nomsindo othile osufundiwe phezulu, bese kulandela

amagama akhiwe ngalowo msindo. Kwamanye amashadi esiZulu kwakuba nendatshana

emfushane eyimigqa embalwa eyayiba nalowo msindo. Isibonelo, ekilasini likathisha

uSbo ayemathathu kuphela amashadi ayebhalwe ngesiZulu, nawo futhi kungewona

amashadi amahle anemibala njengawesiNgisi. Lokhu kukhombisa ukuthi emakilasini

isiNgisi siyakhuthazwa kunolimi lwesiZulu. Ngikusho lokhu ngoba ingane ifunda ngazo

zonke izinto ezizungezile, esikoleni, emphakathini, nasekhaya (Vygotsky, 1978, 1986;

Gee, 2004; Sangmin, 2007; Harry, 2003; Cheng, 2003).

7.2.4.2 IKHAYA NJENGENDAWO LAPHO OKUQALA KHONA UKUFUNDA OKUBHALIWE

(THE HOME ENVIRONMENT AS THE STARTING POINT OF LEARNING TO READ)

Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sokuqala, ikhaya lineqhaza elilibambile

ekulekeleleni ingane ukuba ithuthuke ekufundeni okubhaliwe. Abazali bengane

bangafundela ingane izindaba ekhaya, balekelele izingane ukuba zifunde, bazigqugquzele

ukuba zithuthuke ekufundeni imibhalo, bazixoxise, zifunde amaphephandaba

namaphephabhuku ekhaya, njalonjalo. Kodwa othisha babekhononda njalo ngezingane

267

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!