26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

lokuhlola ukuthuthuka kwezingane ekufundeni okubhaliwe. Njengoba ngike ngachaza

ukuthi esikoleni iMbalenhle uyedwa uthisha owayedingida umsindo ka ‘hl’ , abanye

babegxile emsindweni ka-‘ph’. Ngakho-ke ukuhlola abafundi kwakuba ‘ukubahlola’

ngokubabhalisa isipelingi noma imisho emifushane. Lokhu kuveza isithombe sokuthi

ukuhlola izinga lengane efunda ngalo akukho emiqondweni yothisha. Kanti esikoleni

iGolide lapho othisha ‘behlola’ izingane ukufunda okubhaliwe, babhalisa isibizelo,

baphinde bathi azikopishe imisho njengoba injalo ebhodini, babuze nemibuzo egxile

endabeni efundiwe.

Lokhu ababekwenza othisha akuhambisani nokushiwo abacwaningi abaningi, lapho

bechaza indaba yokuhlola abafundi ekufundeni umbhalo. Njengoba ngike ngachaza

esahlukweni sesibili, uJoubert nabanye (2008, p. 128) babeka ukuthi lapho uthisha ehlola

ukufunda, ukwenza lokhu esebenzisa izindlela zokuhlola ezihambisana nokufunda

okubhaliwe, ukuze ahlole ukuthi izindlela namasu abewasebenzisa kusebenziseke

ngempumelelo yini, nokuthi ingane ifunda ngendlela okulindeleke ukuba ifunde ngayo,

futhi iyathuthuka ekufundeni umbhalo.

Kwakumangaza ukuthi esikoleni iMbalenhle nasesikoleni iGolide lapho izingane

sezihlolwa-ke ngokubhala isibizelo zingasasiboni, ekubeni kade zikufunda

zikuphindaphinda kaningi, ezinye zazo zazehluleka ukubhala amagama ngesipelingi

esiyiso. Lawo magama ayesuke efundwa iviki lonke ezinye zazehluleka zingatholi

nelilodwa, ezinye zazithola amabili kuphela kwayishumi, kanti ezinye zazikwazi

ukuwathola onke amagama abiziwe. Lokhu kwenza ukuba umcwaningi adinge izincazelo

zokuthi kwakungani kuthi izingane zithi kade zifunda iviki lonke into eyodwa, zijike

zehluleke ukuthola amagama ayisibizelo ngosuku lwangoLwesihlanu lwesibizelo. Kanti

esikoleni iGolide kwangimangaza ukuthi ezinye zazehluleka ukubhala imisho injengoba

ibhaliwe ebhodini yize ziyibuka. Nakhona lapha uthisha wayekwenza ekubiza ngokuthi

yindlela yokuhlola ukufunda okubhaliwe. Lesi sithombe siveza ukuthi kuseyinselelo

ukuthi abafundi bafundiswe ngendlela ezobalekelela ukuba bathuthuke ekufundeni

okubhaliwe, uma inhloso yokufunda okubhaliwe, ukufunda ngokuqondisisa umbhalo,

kuyinto enganakwa ezikoleni lapho isiZulu sifundiswa njengolimi lokuqala.

271

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!