26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

amakhono okufundisa, kusengathi ‘induku yiyona ebafundiselayo’ ngoba babezishaya

izingane ukuze baphoqe ukuthi ‘zizwe’. Ngaleso sikhathi lakhula ngamandla izinga

lokuphuma kwezingane esikoleni. Lokhu kwenza izingane eziningi zingawatholi

amakhono okufunda okuyisisekelo sempilo.

Ngokunjalo ukufunda okubhaliwe kwabe kuyinto abazali nothisha abangaqondi ukuthi

ibaluleke ngani. Ezikoleni eziningi zasemakhaya, kwakuvamile ukuthi isikole singabi

nazo izincwadi zokufunda. Ngale ndlela kwakuthi noma ikhona incwadi yokufunda

okumele abafundi bayithenge okuyiyona eyabe iqokiwe, kube yilabo abambalwa

abazoba nayo yona leyo eyodwa. Babeye bashaywe labo bafundi ababengenayo incwadi

ngenxa yokuthi ‘abafuni’ ukuthenga incwadi leyo.

Isikole engangifunda kuso Indatshe L.P. School kwakungumhubhe owodwa wendlu

etshekile eyayakhiwe ngodaka, isindwa ngobulongwe phansi, kanti futhi

ingahlukanisiwe ngezindonga. Lalingekho ihhovisi kumbe indlu ehlala othisha.

Kwakungekho manzi esikoleni, kanti indlu encane nayo yayingekho. Kwahamba

kwahamba abazali bayakha ngodaka indlu encane eyayivalwa ngamasaka empuphu

ansundu. Leyo ndlu yayisetshenziswa ngothisha kuphela. Izingane zazisebenzisa

isikhotha noma ziye ngasemfuleni uma zazifuna indawo esithele ukuze zizikhulule.

Kwakuhlalwa emabhentshini atebezelayo, kuguqwe phansi uma kubhalwa. Ibhodi

lalimiswa ngezinti, lilincane. Njalo ntambama abafundi bamantombazane babeshanela

ngamahlamvu ezihlahla zikawatela, uthuli lubheke phezulu.

Okwakuye kwenzeke-ke ekilasini lebanga lokuqala (Grade 1) ukuthi uthisha wayebhala

ebhodini umsindo othile okuyiwona uzodingidwa. Wayebhala ebhodini indaba

ehambisana nalowo msindo. Lokhu kwakungenxa yokuthi abafundi abaningi

babengenazo izincwadi ngenxa yokut hi abazali abaningi babengakhanyiselekile

ngokubaluleka kwemfundo. Abanye babengenancwadi ngenxa yesimo somnotho

esibhedayo emakhaya, lapho kulalwa khona kungadliwe, okwakungeke kube lula ukuba

kuthengwe incwadi kunokuba kuthengwe okuzodliwa. Yayifundwa-ke indaba leyo,

uthisha ahambe phambili, akhombe ngenduku amagama lawo. Lokhu kwakwenzeka

31

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!