26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

amanye amagama akhiwe ngalowo msindo kubafundi. Ngesikhathi abafundi bewanikeza

amagama, othisha babekhombisa abafundi ukuthi abhalwa kanjani, ngokuhlanganisa

imisindo eyahlukene futhi ekhona ebhodini.

Lapho abafundi babenikeza amagama anomsindo okugxilwe kuwo, babewabhala

ebhodini othisha. Umsindo lowo okugxilwe kuwo ngalelo sonto wawubhalwa ngombala

ophuzi, eminye imisindo ibhalwe ngombala omhlophe. Emva kwalokho uthisha

wayebatshela ukuba bawafunde la magama esebhodini, ngenkathi ekhomba ngenduku,

bafunde belandela induku. Babeqale bafunde kanyekanye njengekilasi, babuye bafunde

ngabane noma ngabathathu, kuze kugcine uthisha esethi makufunde ngayedwa. Lokhu

kwaveza isithombe sokuthi othisha bayazi ukuthi izingane kumele zinikwe ithuba

lokufunda ngamaqembu, zifunde ngambili futhi zifunde ngayedwa. Isibonelo, isizathu

sokufunda ngamaqembu ukuthi umfundi uyazuza ngokulandela abanye ngesikhathi

befunda bebaningi, athole nethuba lokuzilungisa lapho engafundi khona kahle. Uthisha

uMbali waqhubeka kanje ngenkathi sebeyixoxile indaba yophaphe:

T: Ngipheni-ke amagama analo msindo

L: Pika

T: Cha,nawe uyezwa nje ukuthi akekho umsindo ka ‘pha’ laphayana

L: Phika

T: Good,elinye

L: Pheka

T: Elinye

L: Uphephela

T: Isho igama Anele

L: Phupha

T: Yebo,konje ukuphupha ukwenzenjani

L: Uma umuntu elele

T: Umuntu usuke elele,akaphuphi nje umuntu ebhekile

L: Uphaphe

T: Yebo sesilushilo uphaphe

L: Uphathini

T: Okey,asilibhale

L: Phana

T: Umuntu onjani okuthiwa uyaphana

L: Umuntu onikayo ngokudla

T: Ngipheni amanye bo!

L: Phuza

L: Uphaphile

T: Umama uma epheka uphuthu uluxova ngani?

197

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!