26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kwalawo ma-themes athe ukujula impela. Lokhu kuhlela kudinga ukuthi umcwaningi

asebenze aye phambili abuye ajeqeze emumva, abheke phakathi kwama-categories ne-

data base kuze kufike lapho umcwaningi esezanelisile khona ngokwakhiwa kwamasethi

ama-categories. Lokhu kungambandakanya ukusebenzisana nabahlanganyeli

bocwaningo, ukuze nabo balekelele ekubunjweni kwama-categories aqhamuka

ngokuhlaziywa kolwazi oluqoqwe kubo (Creswell, 2009, p. 175).

U-Orgill (2002), ubeka ukuthi umcwaningi oyi-qualitative researcher angahlola

akubhalile ngabacwaningwayo, engabheki kuphela okufanayo, kodwa nalokho

okungafani. Ngalesi sikhathi enza lokhu, umcwaningi wakha ama-categories achaza

ngama-experiences ehlukene abantu mayelana nesimo esithile. Lapho esebheke

imikhakha eminingi ehlukahlukene mayelana nalokho okucwaningwayo, umcwaningi

wakha ama-categories okuyiwona achaza zonke izinhlobo ezahlukene (variations)

zokutholakale olwazini obeluqoqwa ngesikhathi sokuqoqwa kolwazi locwaningo.

Okulandela lapho, ukusukela kuma-categories okuqala umcwaningi awakhile, uyaphinda

futhi awahlole ama-transcripts ukuthola ukuthi ama-categories lawo achaza ngokwanele

yini kanti asho khona ngempela yini lokho okushiwo ulwazi oluqoqiwe.

Lokhu kuhlolwa kwesibili kolwazi olutholakele ngenkathi sokuqoqwa kolwazi (data

collection), kulolonga, kwandise noma kususe amanye ama-categories achaza

okutholakele, bese kulandela ukuhlolwa futhi kolwazi (data collected), ukuthola ukuthi

ama-categories asalokhu emi kanjalo awakaguquki yini. Lokhu kwenzeka kuze kufike

esikhathini lapho ama-categories engasenakuguquka, engasashintshashintshi uma

uwaqhathanisa nolwazi olutholakale ezingxoxweni nangezinye izindlela zokuqoqa ulwazi

locwaningo. Ngamanye amazwi ngenza okufanayo nokwenziwa ngabacwaningi

bocwaningo lobunjalo botho. Yikhona-ke okwaba yisizathu sokuba ngikhethe le ndlela

yokuhlaziya ulwazi olutholakele.

3.9 UKUKHOLAKALA NOBUQINISO (RELIABILITY AND VALIDITY)

Ukukholakala nobuqiniso (reliability and validity) yizinto ezisemqoka kakhulu

ocwaningweni lobungako botho (quantitative research), kanti ocwaningweni lobunjalo

110

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!