26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Nakuba ebangeni lesithathu amagama akhiwa, kodwa kwabonakala ukusetshenziswa

kwala magama emshweni kuyiyona nto eyenzeka kakhulu kunasebangeni lesibili,

njengoba ebangeni lesithathu kusukela ngawo uMsombuluko, imisho babeyifunda,

enamagama anomsindo ka ‘ngw’ okwakugxilwe kuwo. Lokhu kwakungafani

nasebangeni lesibili, lapho kugxilwa khona kakhulu ekwakhiweni kwamagama,

okuhambisana nezincazelo zamagama, nokuba abafundi bakwazi ukubona igama elithile.

Amagama nemisho ababeyakha yayiba sebhodini, bayifunde ngokuyiphindelela, kufunda

abafundi bebonke, bahlukane ngokwamaqembu babuye bafunde ngababili, kuze kufike

lapho umfundi efunda ngayedwa. Lapho kuvela igama elisha elakhiwayo, uthisha

uyalichaza, alekelele abafundi ukuba baqonde ukuthi igama lelo elani, nokuthi lisho

ukuthini. Ngamanye amazwi ukufundwa kwemisindo kuhambisana nokwakhiwa

kwamagama nezincazelo zawo, kanye nemisho emifushane. Isibonelo

senkulumompendulwano kathisha nabafundi:

T Yimaphi amanye amagama eniwaziyo analo msindo ka-ngw?

L: Amagwegwe.

T: Amagwegwe, hhayi asisho ukuthi amangwengwe phela sifunda u-ngw.

L6: Ingwe.

T: Konje ingwe yisilwane esinjani, futhi idlani?

L7: Inamabala ansundu namhlophe. Inamabala ayizindingilizi, inhle.

T: Idlani?

L: Idla ezinye izilwane.

T: Yebo, idla izilwane nabantu, inolaka kabi. Abantu iyabadla nabo uma ilambile. Ihlala

ehlathini.

T: Elinye futhi?

L: UMaNgwane

T: Good, konje uMaNgwane ngoba igama lomuntu libhalwa kanjani?

L: Siqala ngosonhlamvukazi.

T: Elinye?

L: Umango.

T: Umango? Awukho umsindo ka-ngw, kodwa-ke ake sithi ezimangweni.

T: Kukuphi ezimangweni? Yindawo enjani leyo?

T: Kusuke kushiwo kuphi uma kuthiwa ezimangweni?

L: Indawo ekude.

T: Indawo ekude? Uthini omunye?

L: Yindawo enomango noma enezimango eziningi

T: Very good, indawo etshalwe umango omningi uke uzwe nawe uma umuntu ethi hamba

uyongikhela umango ezimangweni.

T: Elinye futhi?

234

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!