26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Okubaluleke kunakho konke ngemiphumela yalolu cwaningo, ukuthi luveza ngokusobala

ukuthi abantwana basezikoleni ebeziyingxenye yocwaningo hlobo luni lokufunda

abakutholayo lapho befundiswa ukufunda okubhaliwe. Ngamanye amazwi, lapho

benezinkinga zokufunda okubhaliwe, lokhu kuncike ekutheni abakutholi kahle

ukwelekelelwa ngokufundiswa ukufunda okubhaliwe ngendlela efanele. Ngakho-ke

kuyacaca ukuthi izinkinga abanazo zokufunda okubhaliwe, ziwumphumela

wokungalekelelwa kahle ngothisha, nokuyinto abangakhula nayo. Lokhu kusho ukuthi

bangakhula benezinkinga ngokufunda okubhaliwe ngokuqondisisa, futhi

bangakuthakaseli ukufunda imibhalo enhlobonhlobo, okungabenza babe ngabafundi

bemibhalo abangekho ezingeni eliphezulu.

9.3 UBUHLE NEZINGQINAMBA ZALOLU CWANINGO

Lolu bekulucwaningo lokuhlola ukufundiswa kokufunda okubhaliwe emabangeni

aphansi (esibili nawesithathu) esiZulu njengolimi lwasekhaya. Ucwaningo lukwenze

ngempumelelo lokhu, ngenxa yokuthi ukufundisa ukufunda okubhaliwe bekuyiyona

ngqikithi ezingxenyeni eziningi kulolu cwaningo. Ngale ndlela umcwaningi

ubekuqikelela ukuthi angahlubuki kokuyiyona ngqikithi yocwaningo. Lokhu kusho

ukuthi umcwaningi akasukanga kokuyiyona ndawo lapho ucwaningo lugxile khona,

okuwukufundiswa kokufunda okubhaliwe emabangeni aphansi (esibili nawesithathu).

Lokhu kubonakale nangenjulalwazi esetshenzisiwe yokufunda okubhaliwe,

okuyinjulalwazi kaVygotsky (1978) i-social constructivist theory, ebheka ukufunda

nokufundisa.

Le njulalwazi isetshenziswe ukuhlaziya abakwenzayo nabakushoyo othisha. Isibonelo,

nanxa injulalwazi i-social constructivism igcizelela ukubaluleka kolwazi ingane eza nalo

ngaphambi kokuthi ifunde okubhaliwe, ulwazi eluthola ekhaya nasemphakathnini, kanye

nolwazi olusha eluthola ngokufunda okubhaliwe, kwabonakala ukuthi othisha

babengahambisani nalokhu kwabakwenzayo ngoba ukufundisa kwabo kugxile kakhulu

olwazini lwemisindo, amagama (ukwakhiwa, ukuwabona, ukuwachaza), kanye nemisho

emifushane. Babenganiki izingane ithuba lokuba zifunde imibhalo, zicabange

305

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!