26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

nazo zineqhaza ezilibambile ekugqugquzeleni ukufohla kwesiNgisi lapho kufundiswa

isiZulu. Okuyisimanga ukuthi othisha abangamaNgisi abafundisa izingane zamaNgisi

isiNgisi, ngisho noma ngabe zikhona nezabantu abamnyama, okukhona kuzo namaZulu,

abahlanganisi ulimi lwesiNgisi nolwesiZulu lapho befundisa ukufunda okubhaliwe

olimini lwesiNgisi. IsiNgisi yisiNgisi nje kwaphela. Ngamanye amazwi kubona isiNgisi

asiyona ‘inkinga’. Umbuzo ukuthi kungani pho isiZulu ‘siyinkinga’ uma sisetshenziswa

ngaphandle kokuxutshwa nesiNgisi, sibe sisetshenziswa ngabalukhulumayo lolu limi

futhi bebe befundisa izingane ezilukhulumayo? Impendulo yikho ukuthi othisha

bachizela ulimi lwabo, bacheme nesiNgisi. Yingakho- nje kuthi nalapho befundisa

ukufunda okubhaliwe olimini lwesiZulu lwasekhaya, singasali isiNgisi.

Lokhu kuveza isithombe sokuthi eminyakeni eminingi ezayo kuzohamba kuhambe

lulimale ulimi lwesiZulu, kudlondlobale ulimi oluyinhlanganisela yolimi lwesiZulu

nesiNgisi noma kugqame sona isiNgisi ngenxa yokuthi isizukulwane esizayo siyophila lo

monakalo usuhambe ibanga elide uma uvunyelwa nangothisha ezikoleni. Lokhu yinto

eseyake yenzeka nakwamanye amazwe afana noMelika, Australia, ne-New Zealand,

lapho ezinye izilimi zazijivazwa ngokuxutshwa nezinye ezigqamile futhi ezinesithunzi

kunezinye, okuholela ekutheni lezo zilimi zize zife (Ndimande-Hlongwa, 2009, p. 64).

Lokhu kuchema nolimi olugqamile kuhambisana namathuba omsebenzi nesimo

sezomnotho, njengoba uNdimande-Hlongwa echaza (p. 64). Umbuzo usekutheni, ubani

okufanele azabalazele ukuthuthuka kwalolu limi lapho othisha, izibani zezwe, bengayilwi

le mpi yokungcwaba ulimi lwesiZulu luphila?

Lokhu okwenziwa ngothisha okukhombisa ukuzenyeza ngolimi lwesiZulu yinto ekhona

nasemphakathini, lapho umuntu ekhuluma isiZulu esingaxutshiwe nesiNgisi.

Emphakathini umuntu ongasazi isiNgisi ubukeka eliqaba noma angafundile, noma

enolwazi oluncane. Yingakho nothisha ukuze kubonakale ukuthi akasilo ‘iqaba’,

akakhulumi isiZulu phaqa, lokhu abathi yisiZulu ‘esiqinile’ noma isiZulu ‘esiqotho’,

usebenzisa isiNgisi lapho ekhuluma nezingane. Lokhu kwakubonakala kubo bonke

othisha ngesikhathi sezingxoxo nangesikhathi umcwaningi ebabuka befundisa

emakilasini ukuthi isiNgisi yiyigugu kakhulu. Isibonelo, uthisha uZandile ngesikhathi

295

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!