26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

umbhalo nasekilasini lapho kwenzeka khona ukufunda okunomqondo, okulekelelwa

nguthisha (p. 1466).

2.3.8 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-EMERGENT LITERACY THEORY

Igama elithi injulalwazi yokufunda nokubhala okufufusayo (emergent literacy theory)

laqalwa nguMarie Clay (1966), ukuchaza okwenziwa izingane ezincane lapho zifunda

okubhaliwe noma zibhala, noma ngabe zazingafundi noma zingabhali into enomqondo.

UClay wayekholwa ukuthi ukufunda nokubhala kuqala ngesikhathi ingane izelwe kanti

futhi kuyinto eqhubeka njalo (Tracey & Morrow, 2006, p. 85). Ngale ndlela i-emergent

literacy theory yakhiwe isuselwa ezinkolelweni eziphathelene nezindlela okwenzeka

ngazo ukuthuthuka kwengane ekufundeni nasekubhaleni ulimi (p. 85). Ngakho-ke enye

yezinkolelo ezisemqoka yosonjulalwazi abacwaninga ukuthuthuka kwengane esafufusa

ekufundeni nasekubhaleni; ukuthuthukiswa kwamakhono omane olimi (ukukhuluma,

ukulalela, ukufunda, nokubhala), njengoba enobudlelwano. Kanti futhi ikhaya lengane

linomthelela omkhulu ekufundeni kwayo (Tracey & Morrow, 2006, p. 87). Ngenxa

yalokhu, le njulalwazi ichaza nangeqhaza elibanjwa yikhaya lengane ekuthuthukeni

kwamakhono olimi, konke okuholela ekutheni ingane igcine ikwazi ukufunda nokuqonda

okubhaliwe.

Kusemqoka ukuba kugcizelelwe ukuthi injulalwazi yokufunda nokubhala

okufufusayo(emergent literacy theory), akukhona nje ukuthi ibheka ingane esencane

ukuthi ifunda kanjani ukufunda nokubhala ngoba ayigxilile ekukhuleni ngokweminyaka

yobudala, kodwa ibheka iqophelo lokwenza komfundi. Isibonelo; umuntu omdala angaba

sezingeni lomfundi osafufusa (emergent reader), kodwa lokhu akusho ukuthi kudingeka

abe neminyaka yobudala emithathu, emihlanu, kumbe eyisikhombisa ukuze abe

ngumfundi osafufusa. Ngale ndlela lokhu kuchaza ukuthi kungenzeka umntwana athi

eqambe efika ebangeni lesithathu noma lesine, abe esekwazi kudala ukufunda

okubhaliwe. Uma-ke umntwana engumfundi ofunda kanzima (struggling reader),

angahlala kuleli zinga lokuba ngumfundi osafufusa isikhathi eside, ngisho noma ngabe

67

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!