26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngamithathu. Ngeke nje ingane ithi ifunda ukuphimisa imisindo ivele iqale ngomsindo ka

‘gq’, ‘ngq’, ‘ch’, njalonjalo.

Kanti kanjalo nothisha uNtoko ugcizelela khona okushiwo ngabanye mayelana

nabakufundisa ebangeni lesibili othisha. Lapho ebuzwa ukuthi uthisha kufanele

afundiseni ebangeni lesibili esifundweni sesiZulu ulimi lwasekhaya wathi:

Ngicabanga ukuthi ngaphandle kwemisindo ayikho into engafundeka.

Kufanele izingane ziyazi imisindo, ikakhulukazi ebangeni 1,2,3. Bakwazi

futhi nokuyibhala ngoba ukuthi babhale yikhona okubalulekile nokuyazi nje

futhi bakwazi ukuyibona ngisho isisegameni. Amaphepha bhuku abalulekile

kakhulu kanye nezinsizakufunda.

Kwavela ngababekusho othisha lapho bechaza ngokufundisa ukufundaokubhaliwe ukuthi

imisindo yiyona nto okugxilwa kuyo, kunokuba kufundiswe abantwana ukufunda

izindaba, lapho bengatghola khona ukufunda okuningi okuphathelene nolimi,

njengamagama amasha, ukusetshenziswa kwezimo zokukhuluma ezahlukene, imisho

eyahlukene, njalonjalo.

Bathi lapho befundisa umsindo ongungwaqa kunoma yiliphi ibanga kulawa aphansi,

balekelela abantwana ukuba bawukhumbule umsindo abawufundisayo. Bakwenza lokhu

ngokuthi banamathelise umsindo negama elithile. Ngamanye amazwi, lapho kufundwa

umsindo othile, kuba negama elinamatheliswa kulowo msindo. Isibonelo: umsindo u ‘p’

bawubiza ngomsindo wepani, kanti umsindo u ‘ph’ bathi ngumsindo wophaphe futhi

wakhiwa umsindo wepani (p) nomsindo wehawu (h). Kanjalo nomsindo u ‘ch’ bathi

umsindo ka ‘chama’, futhi wakhiwe umsindo wecici (c) nomsindo wehawu (h). Umsindo

u ‘sh’ bathi umsindo weshumi, kanti wakhiwe umsindo wesoso (s) nomsindo wehawu

(h), kanti umsindo u ‘ngw’ bathi ngumsindo wengwenya, futhi wakhiwe umsindo

wenunu (n), umsindo kagogo (g) kanye nomsindo wewele (w). Ngokothisha, lokhu

kuyabasiza abantwana ukuba bakhumbule le misindo kangcono lapho befunda

okubhaliwe nalapho bebhala.

155

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!