26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

njengoba echaza ukuthi abanye abantwana basuke bengakakulungeli ukuba kuleli banga

kodwa badlule ebangeni lokuqala ngoba kuphoqa isimo (iminyaka yabudala). Lokhu

kukhombisa ukuthi abantwana bayedlula badlulele ebangeni eliphambili bebe

bengakakulungeli ukwedlula. Ngamanye amazwi lokhu kusho ukuthi ukufundiswa

kokubhaliwe kusuke kungabanga yimpumelelo. Isithombe esakhiwa yilokhu ukuthi lapho

ingane idlulela kwelinye ibanga iya kwelilandelayo, nakhona lapho eya khona ingafike

ithwale kanzima ngoba okwasebangeni eledlule ibingakakubambi. Uthisha uMbali

wachaza kanjena:

Angithi ene unkamisa bawufunda kwa-Grade 1 kakhulu, but kwa-Grade 1

ayiminingi imisindo abayifundayo ehambisana nabo lab’onkamisa, sigxila

konkamisa khona kakhulu, so uma sengibathatha la kwa-Grade 2, sengizoqala

ngibarivayzise [revizise] le misindo ekade beyifunda kwa-Grade 1 kube

sengathi bayayiqala, ngoba baningi abasuke bedlule nje bengakaboni kahle.

Ngaleyo ndlela ngisuke ngenzela ukuthi ingane iyithole kahle i-background,

ngigcizelele lokhu ekuthole kwa-Grade 1 njengoba bayakhohlwa abantwana

kalula, ngeke uthi into bayifundile kwa-Grade 1 ngoba basebancane. Ngakhoke

kwa-Grade 2 ngi-add-e omunye umsindo sekufanele ngiba ‘revizise’ , u

“a” bazi ukuthi kusenguye lo ababewufunda kwa-Grade 1, futhi noma ngabe

sebekwa- Grade 2 bezwe nokuthi imisindo yonkamisa iphinyiswa kanjani

isihamba nemisindo emisha, azi ukuthi u ‘pha’ nje yingoba kufakwe loya ‘a’

wakwa-Grade 1...

Le nkulumo kathisha uMbali igcizelela khona ukuthi into esemqoka ekufundeni

okubhaliwe ebangeni lesibili ukuba izingane zifunde imisindo. Kule nkulumo futhi

kuyaqapheleka ukuthi izingane ziyedlula ebangeni lokuqala zingakakulungeli ukuya

kwelesibili. Lokhu kukhombisa khona ukuthi nakulo elesibili kuyenzeka okufanayo.

Lapho sebebabukezile onkamisa kulelo nalelo langa, othisha bathi baye balandelise

ngemisindo engongwaqa lapho sebefundise onkamisa, nayo okumele kube yileyo ingane

ethi iqale ifunda ukukhuluma kube yiyona eyifunda kuqala kuneminye, njengo m, b, n, d,

njalonjalo. Ngamanye amazwi bathi bafundisa kuqala leyo misindo engelukhuni,

engazwakala ilula enganeni ukuyibiza nokuzoba lula ukuyibona nalapho isibhalwe

phansi. Leyo misindo yileyo okulula nasenganeni encane ukuyifunda, njengokuthi nje

leyo okuthi la iqala ingane ukufunda ukukhuluma, iqale ngayo. Isibonelo, imisindo

ehamba ngamithathu kungangebe lula enganeni encane ukuyi funda, ngakho-ke

kudingeka kube ngenohlamvu olulodwa kuqala, enezinhlamvu ezimbili kuye kwehamba

154

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!