26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

4.1 ISINGENISO

ISAHLUKO 4

UHLAKA LWENJULALWAZI KANYE NOHLAKA

LWEMICABANGO YOCWANINGO

Esahlukweni esedlule ngikhulume ngomklamo nezindlela zokuqhuba ucwaningo.

Ngikhulume nangezindlela ezasetshenziswa ukuhlaziya okutholakele ngachaza

nangenkambiso yocwaningo elungileyo ukuthi yalandelwa kanjani ekuqhubeni

ucwaningo. Ngale kwalokhu, ngixoxe nangocwaningo oluyisivivinyo olwenziwa ukuze

kuhlolwe amathuluzi ayezosetshenziswa ocwaningweni lwangempela. Kulesi sahluko

ngizokhuluma ngohlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango yalolu cwaningo.

Ngizochaza ngenjulalwazi esetshenzisiwe kanye naleyo micabango noma imibono

esetshenziswe kulolu cwaningo, ukuze kucace ukuthi ukusetshenziswa kwayo kunamuphi

umqondo. Ukwenza lokhu, ngaphambi kokuba ngichaze ngohlaka lwenjulalwazi yalolu

cwaningo, ngizoqala ngokuthi ngichaze ukuthi iyini yona injulalwazi. Okuyolandela

ngiyobe sengiveza isithombe esicacile ukuthi kukhulunywa ngani lapho kukhulunywa

ngohlaka lwenjulalwazi. Emva kwalokho ngiyobe sengichaza injulalwazi okuyiyona

esetshenziswe njengensizakuhlaziya yolwazi olutholakele. Ngizobe sengixoxa kafushane

ngezinjulalwazi ezimayelana nokufunda ulimi. Lapho sengikuchazile lokhu, ngiyobe

sengichaza ngohlaka lwemicabango, ngiphinde ngichaze nangaleyo micabango

esetshenziswe njengohlaka lwemicabango. Ngizoveza nobudlelwano obukhona phakathi

kwalokhu kokubili ukuze kucace kahle ukuthi lokhu kusetshenziswe lapha ngasizathu

sini.

4.2 INJULALWAZI / INSIZAKUHLAZIYA (THEORY)

I-The Amarican Heritage Dictionary (2001), ichaza injulalwazi/ insizakuhlaziya ngokuthi

yiqoqo lezitatimende (set of statements) noma inqubomgomo noma inkambiso eyakhiwe

ukuchaza amaqiniso ngesimo esithile noma ubunjalo bento, noma ukusebenza kwento

ethile. Kungaba yiqembu elithile labantu, isimo noma isikhungo esithile, ikakhulukazi

114

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!