26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

for Learning; kanjalo ne-National Reading Strategy, okukhulunyiwe ngakho esahlukweni

sokuqala. Ngaleyo ndlela kuyacaca ukuthi leyo ngane ekupheleni konyaka ngeke

iphumelele ngoba ‘ayikwazi ukufunda’. Lokhu kuveza isithombe sokuthi ziningi izingane

ezingaphumeleli kula mabanga ngenxa yokuthi zibonakala ‘zehluleka ukufunda’ ngenxa

yokuthi azikwazi ukubhala ‘kahle’ amagama.

I-social constructivist theory ayihambisani nokuthi ingane ivimbeke ekuthuthukeni

kokufunda okubhaliwe ngenxa nje yokuthi ayikwazi ukubhala, njengoba ukubhala

kungeyona injongo esemqoka yokufunda okubhaliwe, kodwa kuwukuqondisisa umbhalo

ofundwayo. Kwatholakala ukuthi ngenxa yokungabi nalolu lwazi othisha bagxisha

izingane ngokwazi ukubhala, kunokuba zifundiswe imibhalo enhlobonhlobo ukuze

zithuthuke ekufundeni okubhaliwe. Kwatholakala ukuthi othisha benza abakwenzayo nje

yingoba abanalo ulwazi ngenjulalwazi ye-social constructivism ngoba ababekwenza

kwakungahambisani nemigomo nezinhloso ze-social constructivist theory. Ngaleyo

ndlela okuyisona sizathu esisemqoka kulokhu kungasebenzisi kwabo injulalwazi i-social

constructivism ukungabi nolwazi olwanele ngayo. Lokhu kwenza ukuba banamathele

ezindleleni ezindala zokufundisa, ezingahambisani ne-social constructivist theory.

Ukucacisa leli phuzu, othisha babezincoma ngokuthi bafundisa kahle izingane ukufunda

okubhaliwe kulezi zikole, ngoba abakwenzayo kubenza baziqhenye ngakho ngoba

izingane zabo ziphuma sezikwazi kahle ukubhala, okukhombisa ukuthi ziyakwazi

ukufunda okubhaliwe.

I-Foundations for Learning ukuba othisha bayayilandela ngabe abagxili emisindweni

ngendlela yokuthi kube sengathi okuyiyona nto ebalulekile ekufundeni okubhaliwe ukuba

ofundayo akwazi ‘ukubhala kahle amagama’ awabhale awathole onke. Lokhu akuyona

injongo yeFoundations for Learning. Ngokwe-Foundations for Learning, uthisha kumele

afundise ingane ukuba ibe nolwazi lwemisindo, ibe nolwazi lokubona amagama, ifunde

ngokungangingizi, ithuthuke kulwazimagama, futhi iqondisise umbhalo ewufundayo.

Lokhu kuyahambisana ne-‘Handbook on Teaching Literacy in the Early Years’ neminye

imithombo ehambisana noMnyango WezeMfundo. Ngaleyo ndlela-ke nakuba

beyisebenzisa i-social constructivism, bayisebenzisa ngokusezingeni eliphansi.

282

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!