26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

abazange baye emtatsheni wolwazi. Izincwadi ababezisebenzisa ekilasini kwakuyincwadi

efanayo kuwo wonke umfundi osekilasini (kuwo omabili amabanga kwakunjalo). (Bheka

iseleko se-16 ekhasini lama-387 ohlwini lwezeleko). Njengoba sengike ngaveza

phambilini, ngaphandle kwalokhu ebangeni lesibili kwakukhona izindaba ezibhalwe

ngesandla ababebuye bafundise ngazo. Nazo lezo zindaba kwakuba yindaba efanayo,

eyayinikezwa abafundi ngokwamaqembu amalunga mane.

Othisha babezisebenzisa izinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe, ezinjengamashadi,

amagama asikiwe, imisho esikiwe kanye nezithombe ezimbalwa ababezidweba

emashadini nasebhodini. Lokhu kwaveza umqondo wokuthi othisha bayazi ukuthi lapho

ufundisa ukufunda okubhaliwe kumele usebenzise izinsizakufundisa ezithile. Kodwa

isimanga kwaba ukuthola ukuthi ezindongeni kwakugcwele izithombe ezichazwe

ngamagama esiNgisi. Isibonelo: isithombe sesihlalo sasibhalwe ngezansi ukuthi ‘chair’,

isithombe se-aphula sibhalwe igama elithi ‘apple’. Asikho nasinye isithombe

esasichazwe ngesiZulu.

Ayemaningi amashadi odongeni ezithombe ezinamagama esiNgisi. Ezinye zalezi

zithombe kwakungezona ezesifundo sesiNgisi, kodwa kwakungezezinye izifundo njenge-

Life Orientation, iMathematics, nokunye. Kwamangaza futhi lokhu ngoba umgomo

woMnyango weMfundo wolimi lwezikole zamabanga aphansi ugunyaza

ukusetshenziswa kolimi lwebele ekufundiseni izingane kuzo zonke izifundo kula

mabanga amane okuqala esikoleni (Language in Education Policy for Schools, 1997).

Nokho-ke izithombe ezazisezindongeni zazingakufakazeli lokhu kuwo onke amabanga,

kuzo zombili izikole.

Njengoba ngishilo ngenhla, amagama nemisho esikiwe (flash cards and sentence strips)

kwakusetshenziswa ngothisha. Lokhu babekusebenzisa ekufundiseni imisindo, ukwakha

amagama anemisindo abayifundisayo, nemisho. Ibhodi balisebenzisa kakhulu othisha

ukukhombisa imisindo, kanjalo namagama nemisho. Imidwebo nayo babeyenza

ebhodini. Kanti imisindo esifundiwe yayihlala ikhona engxenyeni eyodwa yebhodi. Le

misindo babeyisebenzisa ekufundiseni ukwakha amagama nokuwapela, kanjalo nemisho.

260

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!