26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ewufundayo, indawo lapho esuke ifundela khona, abantu efunda nabo, isizathu sokuba

ifunde, kanye nendlela efunda ngayo (Wilson & Yang, 2006, p. 367).

UVygotsky (1978), uveza ukuthi ukufunda kwenzeka lapho kunenkulumo-mpendulwano.

Le nkulumo-mpendulwano yenzeka phakathi kukathisha nomfundi; phakathi kwabafundi

ekilasini, kumbe phakathi komfundi nombhalo awufundayo. Ngaleyo ndlela, i-social

constructivism inikeza incazelo encikene nokusebenza komqondo ekufundeni ulimi,

ukuchaza ukuthi ukufunda (learning) okuyimpumelelo kungenzeka kanjani.

Njengoba sengike ngachaza, i-social-constructivism igcizelela ukuthi ukufunda kwenzeka

endaweni lapho umfundi kanye nokwenzeka emphakathini nosikompilo kuhlangana kanti

futhi umfundi kuleyo ndawo nguyena obambe iqhaza elibalulekile ekwakheni umqondo

wokufundwayo (Wilson & Yang, 2006). Ngale ndlela uHarry (2003), ubeka ukuthi

bobabili uthisha nengane lapho kwakhiwa khona umqondo wokufundwayo, babamba

iqhaza elibalulekile. Lokhu kusho ukuthi uthisha ubheka ukuthi yikuphi abafundi

abangakufunda, bakukhombise futhi baziveze ngakho ukuthi bayakuqonda kahle (Harry,

2003).

Ngokwale njulalwazi, othisha kumele baziphathe njengabaholi nabalawuli bokufunda

(facilitators), kodwa bangabi ngothishambumbulu (Bauersfeld, 1995). Ngikusho lokhu

ngoba lapho enikeza abafundi isifundo, uthisha owaziyo umsebenzi wakhe ukwenza

lokhu njengomholi nomlawuli nomeluleki, asize ingane ukuba ikuqonde ekufundayo

lapho ifunda okubhaliwe; hhayi uthishambumbulu ongenandaba noma ingane iyakuqonda

kumbe ayikuqondi ekufundayo. Ngala mazwi lokhu kuchaza ukuthi uthisha kumele

akhombise amasu amaningi okulekelela ingane, amasu angaphezu kokuba abe nguthisha

(Brownstein, 2001).

Isibonelo; uthishambumbulu uyatshela, kodwa umholi/umlawuli uyabuza;

uthishambumbulu uma phambili afundise izingane, kanti umholi ulekelela abantwana,

abone nabasele emumva; uthishambumbulu unikeza izimpendulo, kanti umlawuli

nomholi wokufunda unikeza umhlahlandlela aphinde avule amathuba okuba ingane

118

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!