26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

igama elisebenziseke ngayo, ngaleyo ndlela akwazi ukuzitholela incazelo yalo. Kodwa-

ke noma kunjalo sikhona isidingo sokuba kufundiswe ulwazimagama, umntwana afunde

amagama amasha, ngendlela ehlelekile. Amagama yiwona phela esiwasebenzisa lapho

sicabanga, ukuzwakalisa imizwa esinayo ngento ethile kanye nemiqondo esiyidlulisayo,

nokuba sifunde nangomhlaba esihleli kuwo (Makar & Philpot, 2004, p. 1). OPressley

benoHilden (2006) bathi akufanele uthisha abe nohlu lwamagama okufanele izingane

ziwazi, ngamanye amazwi uhlu lwamagama achazwayo ngoba engajwayelekile

ezinganeni, kodwa kufanele lokhu kufundiswe ngesikhathi umbhalo ufundwa, hhayi

ngaphambi kokufundwa kombhalo (p, 58).

Ngenxa yokuthi amagama ayisisekelo ekufundeni okubhaliwe, ukuthuthukisa

ulwazimagama kubantwana kusemqoka kakhulu. Yingakho nje lapho umfundi azi

amagama amaningi nezincazelo zawo, eceba olimini, kanti ukuceba ngolwazimagama

kuyinto ebalulekile ekufundeni ngokuqondisisa okuyimpumelelo. Lokhu kungenxa

yokuthi okuyiyona njongo esemqoka ekufundiseni ukufunda okubhaliwe, ukuqinisekisa

ukuthi abantwana bayakuqonda abakufunda embhalweni lapho befunda ngesivinini

(Dickinson & Tabors, 2001; Dickinson & Neuman, 2006; Makar & Philpot, 2004).

OWilson beno-Anderson (1986) babeka ukuthi lokho ongakwazi kungakulimaza.

Ngakho-ke kusemqoka ukuthi umntwana angasweli ulwazimagama, ukuze akwazi

ukufunda ngokuqondisisa umbhalo. UDuffy (2009) ubeka kanje:

Reading is language, and language is made up of words. Words reflect

experiences. For instance, you know what ‘piedmont’ means if you have

experienced living in North Carolina or if you have done a lot of reading and

talking about Piedmont region of the United States. The more experiences you

have, the more words you have; and the more words you have, the more likely

it is that you will become a good reader. Because new words come from

experiences, literate classroom environments are characterised by rich

experiences with content areas such as science and social studies. These

translate into new vocabulary. The richer the vocabulary, the more likely it is

that students will become readers. (p. 10)

La mazwi acashunwe ngenhla agcizelela khona ukuthi ulwazimagama ngenye

yezingxenye ezibalulekile olimini abantwana abaludingayo ukuze bakwazi ukufunda

okubhaliwe ngokukuqondisisa. Futhi kungeke kwayekwa ukugcizelelwa ukuthi ukufunda

143

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!