26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

T: Ishoba,…konje obani abafuye izinkomo emakhaya…uma kuhlatshiwe niwenzenjani

umsila?

L: Bayalisika enkomeni uma ihlatshwa bese ubaba elithatha echela ngalo ekhaya

T: Very good omunye uthini

L: Uyasikwa bese kusala lokhu kokuchela egcekeni

T: Ishoba liyasebenza uma sichela egcekeni, futhi lisetshenziswa

nayisangoma…isangoma sisebenzisa ishoba , umsila wenkomo ukuze sibhule ngawo.

T: Nanti elinye igama, ake ulifunde ngizwe

L: Ishubhu( befunda bonke)

T: Yini ishubhu?

L: Ishubhu liphuma ethayini lemoto ngaphakathi

L: Yile nto okwenziwa ngayo isihlilingi

T:Yebo ishubhu liphuma ethayini lemoto , kunale nto esasihlilingi, okwenziwa ngayo

isihlilingi.

L: Mam, abanye babopha ngalo ipayipi uma liqhumile.

T: Good. Babopha ngalo ipayipi ukuze amanzi angaphumi

T: Funda leli.

L: Ushaka

T: Konje yini ushaka?

L: Ufishi odla abantu

T: Yebo ufishi odla abantu. Uyadliwa yini lo fishi?

L: No thisha

T: Ufishi omkhulu odla abantu

T: Nike niye olwandle

L: Yes teacher

T: Uhlala emanzini ufishi

T: Konje yimuphi omunye ushaka omaziyo

L: Ushaka marine (okuyigama lendawo lapho kukhona imikhiqizo yezinhlanzi kanye

nezinhlanzi eziphilayo)

T: Omunye

L: UShaka

T: Yebo uShaka kwakungumuntu..uye uzwe abanye bethi uShaka kwakuyinkosi

yasemashobeni eyayibusa kudala.

Emva kwalokhu wabe esethi mababhale amagama asebhodini enjengoba enjalo

ezincwadini zabo zokubhala. Umsindo ka ‘sh’ kuwo onke amagama wawubhalwe

ngombala obomvu kanti ezinye izinhlamvu emagameni zingumbala oluhlaza

okwesibhakabhaka. Amagama ayebhalwa yilana: ushukela, isheke, ishidi, ishubhu,

ishoba, ushembe, uShaka. Lesi sifundo sikhombisa khona ukuthi uthisha wayefundisa

ulwazi lwemisindo/lwezinhlamvu, ukwakhiwa kwamagama kanye nezincazelo zawo,

imisho, kanye nezindaba.

221

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!