26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

okubhaliwe eziwulimi lwesiZulu. Lokhu kwenza ukuthi nakuba ziyingcosana izinsiza

abanazo ezikoleni, kodwa inkinga enkulu kube ukuthi nalezo eziyingcosana abanazo,

iningi lazo ngezesiNgisi.

Izincwadi ziyentuleka kakhulu kuzo zombili izikole ngoba nakulawo makilasi okwakuke

kuphathwe kuwo incwadi, kwakuba yincwadi efanayo efundwa ngumuntu wonke

osekilasini, kungabi khona ezinye ezehlukile ukuze izingane zibe nothando lokufunda

imibhalo eyahlukene. Nakuyo leyo eyayiba khona (ngaphandle kwekilasi elilodwa

likathisha uNtombifuthi), abafundi babeze babambisane ngenxa yokuthi zazingabenele

ngokwesibalo. Lobu bunzima abugcini ngokuthi kube yizinsizakufundisa zasekilasini

kuphela, kodwa nemithombo yolwazi othisha abethembele kuyo iningi layo ibhalwe

ngesiNgisi. Lokhu kubaphoqa ukuba bahumushe, kodwa bebe bengenaso isiqiniseko

sokuthi bahumusha ngendlela eyiyo njengoba kungacaci ukuthi banawo amakhono

okuhumusha ulimi lwesiNgisi luye esiZulwini. Ngaphandle kwalokho, nakho

ukungakhuthali kungabuye kubukwe kunomthelela ekushodeni kwezinsizakufundisa

zokufunda okubhaliwe ngoba ezinye bangazama ukuzenza uma bengazimisela

ngokwenzenjalo, njengoba kukhona okungangedinge imali ukuze bakwenze.

9.2 UKUBALULEKA KWALOLU CWANINGO

Lolu cwaningo luphonse itshe esivivaneni ngokuveza obala ukuthi othisha besiZulu

basemabangeni aphansi bakuchaza kanjani ukufundisa ukufunda okubhaliwe futhi

bakwenza kanjani. Lokhu kuhlanganisa okufundiswayo, izindlela namasu okufundisa,

izinsizakufundisa, imizwa abanayo ngolimi lwesiZulu, nokunye. Abakuchazayo othisha

kukhombisa ukuthi yiyona ndlela abakuqonda ngayo ukuthi ukufundisa ukufunda

okubhaliwe kuyini, kwenzeka kanjani, yini inhloso yakho, yimaphi amakhono

abawakhulisayo othisha ezinganeni lapho bezifundisa ukufunda okubhaliwe, njalonjalo.

Luphinde lwaveza ukuthi lokhu abakushoyo nabakwenzayo mayelana nokufundisa

okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu bakwenza ngazizathu zini.

303

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!