26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ongakhulumi, ngoba basuke bengekho onkamisa, isibonelo: ph ph ph ph ph.

Okuzolandela lapho ukuba uthisha athi abafake-ke onkamisa kulowo nalowo msindo

ongu ‘ph’, ukuze bafundeke kanje: pha, phe, phi, pho, phu. Lapho uthisha uMbali echaza

ngalokhu ubeka kanje:

Njengoba umsindo ka ‘ph’ nje ngingawubhala ugcwale ebhodini kodwa

awunamqondo uma ungenankamisa kubizeka nje kungabi nazwi ngisho ukuba

nazwi, kuze kuzwakale kahle uma sekusebenze nonkamisa. Njalo nje uma

uzofaka umsindo omusha, kufanele babone nabo ukuthi ngaphandle

kokusebenzisa onkamisa lowo msindo ungafana nje, ubizeke ngendlela

eyodwa, kuze kube khona umehluko lapho sewusebenze nonkamisa. Njengo:

ph ph ph ph ph, konke lokhu kuyafana, kuze kube khona umehluko ngoba

sekufakwe onkamisa. Yingakho-ke nje kumele kugcizelelwe ukusebenza

konkamisa. Angabe esethi iphala ebe eqonde ukuthi iphela.

Othisha bayagcizelela ukuthi ekufundweni kwemisindo uthisha uyabahola abafundi

ekuyifundeni, ayiphimise bamlandele ngemumva, bekuphindaphinda lokhu. Akugcini nje

ngokuthi bayifunde le misindo, kodwa uthisha ubafundisa nokuyibhala ezincwadini.

Njengokuthi nje umsindo u-‘ph’, uthisha uyabatshela ukuthi kumele ume kanjani phezu

kukalayini lapho bewubhala phansi. Uthisha lapho ebafundisa ukubhala lo msindo

uyabafundisa ukuthi u ‘ph akancike phezu kukalayini wencwadi yabo yokubhala,

ngaphandle komsila ka ‘p’ okumele wehlele ngezansi komugqa kodwa isigubhu sika ‘p’

sibe sinamathele phezu kukalayini. Kanjalo nomsindo wehawu ongu ‘h’ kumele umsila

wenyukele phezulu.

Okulandelayo uthisha uthatha le misindo ehamba nonkamisa ayihlanganise, ukuze

babone abafundi ukuthi ngale misindo kungaphuma amagama amaningi ehlukene.

Njengokut hi nje athathe u-pha amhlanganise no-pha, lapho kuzophuma igama elithi

‘phapha’, okuyinto abayibonayo ebhodini. Lapho efuna bakhe igama elithi ‘phupha’

uthisha uthatha umsindo ka ‘phu’ awuhlanganise nomsindo ka ‘pha’ bese ethi abafundeke

abantwana. Ngaphandle kwamagama akhiwe ngale misindo, uthisha usebenzisa

imisindo asebevele beyifundile ukwakha amagama amasha, ehlanganisa nomsindo

omusha. Isibonelo, uma ngesonto eledlule kade kufundwa umsindo welala u ‘l’ uthisha

angabhala igama elithi ephula, balifunde abantwana. Angabuye athi abalibhale.

158

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!