26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kwakukhombisa ukuwaqonda amagama ayesembhalweni lapho befunda. Lokhu

kufakazela khona ukuthi ukwazi amagama amaningi olimini kukwenza ungathwali

kanzima lapho kufundiswa ukufunda okubhaliwe, njengoba lokhu nakho kuyingxenye

yezinto okumele zithuthukiswe ekulekeleleni umfundi ukuba akwazi ukufunda

ngokuqonda okubhaliwe. Lokhu kufakazelwa nanguCalixto (2007) ophawula ngokuthi

ulwazi lwamagama asolimini lubalulekile kakhulu ukuze umfundi akwazi ukufunda

ngokuqondisisa. Uqhubeka achaze uCalixto ukuthi lapho umfundi engawazi amagama

asetshenzisiwe embhalweni, akulula ukuba akwazi ukuwufunda ngokuwuqonda lowo

mbhalo (p. 1). Ngaleyo ndlela lokhu kuba ngukufunda okungenamqondo ngenxa yokuthi

umfundi kufana nokuthi uzisholo nje amagama noma uyawacula, ngaphandle kokuqonda

umbhalo awufundayo.

UCarver (2003) kanye noGrabe (2004), bayagcizelela ukuthi bukhona ubudlelwane

phakathi kolwazimagama kanye nokufunda umbhalo ngokuwuqondisisa, ngendlela

yokuthi ucwaningo oselwenziwe, lonke luyakufakazela lokhu. Kanti futhi noDroop

benoVerhoeven (2003) nabo ngoku njalo bahambisana nemibono yalaba bacwaningi

kulokhu, njengoba ocwaningweni lwabo abalwenza eHolland, bathola ukuthi ukwazi

izincazelo zamagama kwakuneqhaza elihle ekufundeni okubhaliwe kubantwana

bamabanga esi-3 nele-4 (Grabe, 2004, p. 49).

Njengoba ngike ngachaza phambilini, ziningi izingxenyana eziholela ekutheni umfundi

agcine ethuthuka kokuyiyona nhloso yokufunda okubhaliwe. Akugcini nje ngokuba azi

amagama asetshenzisiwe embhalweni lowo okwenza akuqonde akufundayo. Njengakho

nje ukuthi kumele abe nolwazi oluthile mayelana nalokho akufundayo (background

knowledge). UDroop benoVerhoeven (1998) bathola ukuthi ulwazi umfundi avele enalo

mayelana nalokho afunda ngakho kuyalithuthukisa izinga lokufunda ngokuqondisisa

olimini lwakhe lwasekhaya / lokuqala nakulo ulimi lwesibili / lokwethekelwa.

Baphawula ngokuthi abafundi bolimi lokuqala balekelelwa kakhulu ulwazi abavele

benalo ekufundeni ngokuqonda okubhaliwe.

49

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!