26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Okunye futhi ukuthi nakuba izilimi ezifundwa kulezi zikole ebeziyingxenye yocwaningo

zimbili, kuyisiNgisi nesiZulu, kodwa umcwaningi ukhethe ukucwaninga okwenzeka

olimini lwesiZulu kuphela hhayi esiNgisini. Lokhu bekungasiza ukuthi kuvele

imiphumela ecacile ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe lapho kuqhathaniswa lezi

zilimi zombili ukuze kucace ukuthi umehluko uba kuphi ekufundisweni kwazo.

Ngale kwalokhu, ucwaningo lwenziwe kuphela ezikoleni ezimbili, endaweni yaseMlazi.

Ngaleyo ndlela kungenzeka ukuthi okwenzeka kulezi zikole lapho kufundiswa ukufunda

okubhaliwe akwenzeki ngendlela echazwa wumbiko walolu cwaningo. Futhi-ke

ucwaningo lwenziwe endaweni eyilokishi, okuyindawo esondelene nedolobha elikhulu

lesifundazwe, iThekwini. Kanti bekungenzeka ukuthi endaweni yasemakhaya,

kutholakale ukufundisa ukufunda okubhaliwe kwenzeka ngenye indlela futhi

nabakushoyo othisha kwehluke kulokhu okutholakale kule ndawo enobudolobha.

Ngamanye amazwi okutholakale kulolu cwaningo kungenzeka ukuba emakhaya

akwenzeki ngendlela efanayo, kanti futhi kungenzeka ukuba kuyafana nakhona.

9.4 IZIPHAKAMISO EZIMAYELANA NOCWANINGO OLUNGENZIWA,

EZIQONDENE NOMNYANGO WEZEMFUNDO, KANYE NEZIQONDENE

NENQUBOMGOMO YOLIMI YEZWE LASENINGIZIMU AFRIKA

Njengoba isihlokwana siveza, iziphakamiso okuzokhulunywa ngazo lapha yilezo

ezimayelana nocwaningo olungenziwa noma olungalandela lolu, nalezo eziqondene

noMnyango WezeMfundo, kanye neziqondene nenqubomgomo yolimi yezwe

laseNingizimu Afrika.

9.4.1 IZIPHAKAMISO EZIMAYELANA NOCWANINGO OLUNGENZIWA

Izingqinamba zalolu cwaningo, njengokuba kuxoxiwe ngazo esigabeni esingenhla

zigqamisa izinto eziningi ezibalulekile mayelana nokufundisa ukufunda okubhaliwe.

Lokhu kusho ukuthi kuningi okufanele kucwaningwe mayelana nokufundiswa kokufunda

okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu. Phakathi kokunye kungaba ucwaningo

307

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!