26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ISAHLUKO 8

OKWENZA OTHISHA BAFUNDISE UKUFUNDA OKUBHALIWE

NGENDLELA ABENZA NGAYO EMABANGENI APHANSI

ESIZULU ULIMI LWASEKHAYA

8.1 ISINGENISO

Esahlukweni esedlule ngicubungule ukuthi othisha bakufundisa kanjani ukufunda

okubhaliwe ebangeni lesithathu. Ngixoxe ngokwehlukanisa okwenzeka mayelana

nendikimba yokuqala ebangeni lesithathu kulezi zikole zombili, iMbalenhle neGolide.

Ngibe sengicubungula ngokudidiyela okwenzeka emabangeni esibili nawesithathu futhi

kuzo zombili lezi zikole. Ngichazile nangesizathu sokwenza lokhu. Ngakho-ke lapho

kwakudingeka, ngikuchazile kwacaca ukuthi yisona siphi isikole noma uthisha owayenza

okuthile okwehlukile. Kulesi sahluko ngizophendula umbuzongqangi othi: Kungani

othisha bamabanga aphansi befundisa ukufunda okubhaliwe ngendlela abakwenza ngayo

olimini lwasekhaya lwesiZulu? Engxoxweni ngizokwesekela ngocwaningo oselwake

lwenziwa ngiphinde ngihlaziye ngokusebenzisa insizakuhlaziya kaVygotsky (1978)

kanye nohlaka lwemicabango okuxoxwe ngakho esahlukweni sesine. Ngizohlela lesi

sahluko ngokwezindikimba ezine ezitholakale ngenxa yokuhlaziya abakwenzayo

nabakushoyo ngokufundisa ukufunda okubhaliwe. Lezo zindikimba yilezi:

� Ukubambelela ezinkolelweni ngokufundisa ukufunda okubhaliwe.

� Ukungabi nolwazi olwanele kothisha ngenhloso yokufunda okubhaliwe.

� Ukuzenyeza kothisha ngolimi lwesiZulu.

� Ukwentuleka kwezinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe.

273

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!