26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ISAHLUKO 6

ABAKWENZAYO OTHISHA LAPHO BEFUNDISA UKUFUNDA

OKUBHALIWE OLIMINI LWASEKHAYA LWESIZULU:

6.1 ISINGENISO

INGXENYE YOKUQALA

Esahlukweni esedlule ngixoxe ngokuthi othisha bathi yikuphi abakwenzayo lapho

befundisa ukufunda okubhaliwe emakilasini amabanga aphansi (elesibili nelesithathu)

esiZulu ulimi lwasekhaya. Kulesi sahluko ngizoxoxa ngalokho othisha abakwenzayo

emakilasini lapho befundisa ukufunda okubhaliwe ebangeni lesibili kuphela, bese

ngiveza okwenzeka ebangeni lesithathu esahlukweni esilandelayo. Ngizokhuluma

kuphela kulesi sahluko ngendikimba yokuqala (Okufundiswayo: Ukufundiswa

kwemisindo; ukwakha, ukuhlonza, nokuchaza amagama; ukufundisa imisho kanye

nezindaba), bese ezinye izindikimba ngikhuluma ngazo esahlukweni sesikhombisa, emva

kokwethula indikimba yokuqala. Ngakho-ke emva kwendikimba yokuqala esahlukweni

sesikhombisa kuzoxoxwa nangezinye izindikimba, zihlanganisa ndawonye okwenzeka

emabangeni esibili nawesithathu kuzo zombili izikole. Lokhu kungenxa yokuthi ezinye

izindikimba, kwakungenamehluko owawungananyatheliswa ngqo nekilasi elilodwa noma

nesikole esisodwa.

Lapho wawuvela khona umehluko kulezi zindikimba, lokho kuzochazwa kucace ukuthi

kwakwenzeka kusiphi isikole noma kuliphi ibanga. Isizathu sokuthi ngehlukanise

okwenzeka ebangeni lesibili nelesithathu endikimbeni yokuqala ukuthi nakuba okunye

kwakufana ekwenzeni kothisha lapho befundisa, kodwa kuningi okwakungafani

ekufundiseni la mabanga. Ngale kwalokhu, isizathu sokuthi kube khona isahluko esiveza

abakwenzayo ngqo othisha emakilasini kungenxa yokuthi nakuba bechaza ngendlela

abachaza ngayo ngokufundisa ukufunda okubhaliwe nokuthi kwenzeka kanjani, kodwa

lokhu akusho ukuthi abakushoyo yilokho abakwenzayo. Ukucacisa lo mbono; othisha

bangasho ukuthi bakwenza kanjani ukufundisa ukufunda okubhaliwe, bazini ngakho,

189

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!