26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

eseyifundile, uye abasize abalekelele ekucabangeni kwabo ukuthi noma ngabe umuntu

nomuntu ubuka ngeso lakhe, kodwa angasale esenhlanhlatha kakhulu, asho okuhluke

kakhulu kulokho azokuthola encwadini. Lokhu kubenza babe nomndlandla wokufunda

indaba uma beziqagelele bona basho into nothisha avumelana nayo. Nokho-ke kuba

kuhle uma abafundi bezozitholela ekugcineni kwendaba abakade beyifunda ukuthi

abebekuqagelile yikho yini noma akusikho. Uthisha uJabu uchaza kanjena ngalokhu:

Ngamafuphi nje ngingasho ukuthi kwa-Grade 2 siqala emisindweni, kuye

emagameni, kuye emishweni. Emva kwalokho ubafundisa nge-reader yabo

kodwa awubafundisi i-reader uma zisuka nje kuqala iviki ngoba kufanele

niqale nifunde imisindo. Bengakangeni encwadini kufanele nibheke

ingaphandle lencwadi noma lendaba uma kuyindaba. Kumele babuke

izithombe kuleyo ndaba noma incwadi uma kuyincwadi yonke. Lezo

zithombe yizona okumele zibanike isithombe ngokuzokwenzeka embhalweni.

Kufanele baqale ngalo-ke ingaphandle, balibheke ukuthi linamifanekiso

miphi, bacabange ukuthi indaba ingase ikhulume ngani phakathi, njalonjalo.

Baye babe nezimpendulo-ke ezahlukene, kodwa kufanele baqagele phela kuye

ngakhona. Uma ubona-ke ukuthi engathi balahlekile ababoni impela, uzame

izindlela zokuthi bacabange okuyela ngakhona. Uma inezilwane, mhlampe

indlovu noma ixoxo, babuze-ke ngalo baqagele ukuthi kwenzakalani

endabeni. Siyaxoxa ngalokho okusemfanekisweni, uma kuyixoxo,

nobengalazi ixoxo agcine eselazi. Futhi uma kuyigama elinomsindo

esingakawufundi, awulindi ukuthi kuze ufundwe lowo msindo. Awulindi,

uvele ubafake nje, uchaze, ngoba awuze ukhulume ngento ngoba sekufundiwe

ngayo, cha. Kubalulekile ukuthi izindaba noma incwadi efundwayo ibe

nezithombe.

Le nkulumo engenhla igcizelela ukuthi abantwana kudingeka bafundiswe izincwadi

ezingangezinga labo lokukhula, okuyinto, njengoba sengike ngachaza phambilini, engaba

yinkinga lapho bengase babuzwe ukuthi abantwana baluliphi izinga lokukhula, ngoba

abantwana abafani. Ngikusho lokhu ngoba izinga lokukhula, alisho iminyaka yobudala,

kodwa lisho izinga lokuthuthuka ekufundeni umbhalo. Lokhu kungenxa yakho ukuthi

abantu abaphiwe ngokufana, nanini abasoze bafana.

Abanye othisha baveza ukuthi ngenxa yokushoda kwezinsizakufundisa nangokushoda

kwezincwadi ezingangezinga labantwana lokukhula, othisha baye bazame ngisho

ukubakhela bona ngokwabo izindaba abazifundisa emakilasini. Lokhu bakwenza ukuze

baneliseke ukuthi izindaba ezifundwa yizingane zisezingeni lazo lokukhula ngenxa

166

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!