26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Reading Rockets, 2009; Zimmermann & Hutchins, 2003; Smith & Elley, 1994; Block &

Israel, 2005; Reading Rockets, 2009; Snowling & Hulme).

Ngale ndlela lokhu kusho ukuthi ingane ayilekeleliwe ngokwenele ukuba ithuthuke

ekufundeni okubhaliwe. Abacwaningi bayagcizelela ukuthi lapho elinye lamakhono

lingafundisiwe kahle noma linyanyalatiwe, lokho kungaba nomthelela omubi

ekuthuthukeni kwengane ekufundeni okubhaliwe (Duffy, 2009; Poulton, 2007; Fukkink,

Hulstijn & Simis, 2005; Cunningham & Stanovich, 1998; Bester, 2008).

6.2.2.3 NGOLWESITHATHU

Ngosuku lwesithathu uthisha wathi eqala isifundo wathi abafundi abasho izilandelo,

esokuqala sasithi ‘Isinamangobe’ kanti lapho beqeda lesi wabe esethi mabasho u ‘Vuka

vuka mfana’. Okwaqapheleka ngalezi zilandelo ukuthi zazingahlobene nomsindo

owethuliwe weviki u ‘sh’. Lapho beqeda lezi zilandelo uthisha wabe esebakhumbuza

ngomsindo ka ‘sh’ okwakugxilwe kuwo ngoMsombuluko, wathi mabawufunde

ngaphandle kukankamisa kuqala, emva kwalokhu wafaka onkamisa, abafundi base

beyafunda. Lesi senzo sikhombisa ukuthi uthisha wayengazi ukuthi kungani izingane

kufanele zisho lezi zilandelo ngoba zazingenabudlelwano nengqikithi yokufundwayo.

Wayelungise amagama emaphepheni asikiwe, ukuze abize umfundi ngamunye ukuba

alifunde, maqede alinamathisele ebhodini. Lapho elinamathisela igama, babexoxa ngalo

kuqala. Wakwenza lokhu aze aphelela amagama. Lapho esenanyekwe onke ebhodini,

wabe esebakhombela wona ukuba bawafunde. Lokhu kukhombisa ukuthi uthisha

wayekhuthaza abafundi ukuba bakwazi ukubona/ukuhlonza amagama. Isibonelo

senkulumo-mpendulwano aba nayo uthisha nabafundi bakhe lapho ekhombisa igama

negama abafundi balifunde:

T: Lithini leli gama?( eveza igama elithi ishoba)

L: Ishoba( besho kanyekanye)

T: Konje yini ishoba

L: Umsila wenkomo

T: Good, lenzani leli ishoba

220

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!