26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Emva kokufunda amagama ephindelelwa, uthisha uMbali wabe esekhipha imisho

esikiwe, eyayibhalwe emaphepheni aqinile amashadi. Umusho nomusho wayewukhipha

uthisha, abafundi bawufunde, bese ewunamathelisa ebhodini. Kuyo yonke le misho,

kwakukhona amagama anomsindo ka ‘ph’ okuyiwona okwabe kugxilwe kuwo ngalelo

sonto. Nansi imisho esikiwe uthisha ayeyinamathelisa ebhodini:

Fig. 6 Imisho eyayifundwa

Imisho

1. UChiliza uphethe umphako

2. Bona banophayinaphu

3. Uphaphe luyaphephuka

4. Umpheki upheka ukudla

5. Uphephela uyapholisa

Le misho engenhla abafundi babeyifunda ngokwamaqembu njengokukhethwa kwabo

nguthisha. Ayemahlanu amaqembu lapha, njengoba nemisho yayimihlanu. Lapho

sebeyifunde yonke, uthisha wayekhomba umfundi ngamunye ukuba afunde umusho bese

eyohlala phansi. Kwaqapheleka ukuthi nakuba abafundi abaningi babengenabo ubunzima

bokufunda le misho, babekhona ababefunda kanzima, behlulwa ukufunda, kodwa uthisha

wayebalekelela ukuba bafunde, ebakhombela ngenduku izinhlamvu zamagama

asemishweni. Ukubalekelela wayebaphindisela emumva emsindweni ka ‘ph’ ungakabi

nankamisa, bese efaka onkamisa, ngaphambi kokuba babuyele egameni ebelibahlula.

Lapho sebeyile etafuleni lemisindo eyakhe amagama asemishweni, kwakuba lula

ukuyibona, bafunde-ke kangcono. Lokhu kwenzeka baze baphela bonke abafundi. Lapho

sebephele bonke, uthisha wayethi mabazishayele izandla ngoba befunde kahle.

Kwabonakala ukuthi abafundi bayakujabulela ukunconywa nokushaya izandla lapho

benconywa nguthisha. Okwalandela lapho ukuba abafundi bakopishe imisho ababekade

beyifunda injengoba injalo ezincwadini zabo. Uthisha wayebalekelela ngokubakhombisa

lapho kumele babhale khona ezincwadini zabo, nokuthi baqale kuphi nomugqa ubhala.

Lokhu wayekwenza ngokubhala ichashaza lapho umfundi kumele aqale khona ukubhala

204

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!