26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ingaveza isithombe sakwandabazabantu, kube mhlampe nanomdwebo

namagama akhombisayo ukuthi kwenziwani laphaya...

Lapho othisha bebuzwa ukuthi bayazisebenzisa yini ezinye izinsizakufundisa ngaphandle

kwalezi abazibalayo baphendula ngezindlela ezingafani njengoba abanye babevuma

ukuthi zikhona ezinye izinsiza abazisebenzisayo ngaphandle kwalezi, kanti abanye

babeveza ukuthi kunzima ukusebenzisa izinsiza ezehlukahlukene ngenxa yesikhathi,

njengoba abantwana basuke besacathula, ngakho kungelula ukusebenzisa izinsiza

ngokuzishintshashintsha. Uthisha uMbali ubeka kanje:

Akungilungeli kahle ukusebenzisa izinsiza ezahlukahlukene ngenxa

yesikhathi...abaqedi [abantwana], asikho isikhathi sokuthi ngisebenzise ama

teaching aids amaningi ngenxa yokuthi bayacathuliswa, isikhathi siyinkinga

enkulu ngoba uyaphutha ukwenza ezinye izinto obuzihlelile ngenxa

yeskhathi. Plus futhi nje nama-readers ethu esinawo, they are not up to

standard. Asinawo kahle hle. Incwadi enginayo nje engibafundisa ngayo

iyodwa. Ngiye-ke ngibagayele uma ngifuna babe nama-copy. Kwesinye

isikhathi ngiza nayo ekilasini incwadi ngizobafundela indaba ngoba

izincwadi azikho kahle.

Lesi sizathu sikathisha uMbali sokungasebenzisi ezinye izinsizakufundisa ekufundiseni

ukufunda okubhaliwe asizwakali kahle ngoba lokhu kukhombisa ukuthi uthisha usuke

engahlelile kahle hle umsebenzi wakhe. Ngikusho lokhu ngoba uma uthisha eyofundisa

kumele ahlele ukuthi uzosebenzisa luhlobo luni lwezinsiza, nini, kanjani. Ngamanye

amazwi lokhu kusho ukuthi noma ngabe benalo olunye ulwazi mayelana nezinsiza

ezisetshenziswayo, abalusebenzisi lolo lwazi. Kunalokho balugcina kungolwabo,

bangalusebesenzisi ekudluliseni ulwazi enganeni.

5.2.2.5 UKUSETSHENZISWA KWEBHODI

Njengakunoma yisiphi isifundo, kubalulekile ukusetshenziswa kwebhodi. Othisha

babeveza ukuthi ibhodi bayalisebenzisa kakhulu lapho befundisa ukufunda okubhaliwe .

Babeka ukuthi baye basebenzise ushoki omhlophe ngoba ugqamile. Ngaphandle kwawo

basebenzisa abanye abanemibala egqamile njengalowo ophuzi, obomvu, obukhwebezane,

oluhlaza okwesibhakabhaka kumbe okotshani, kuye ngokuthi yini afuna ukuyigqamisa

170

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!