26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ukuthi othisha abaningi akubacaceli kahle ukuthi kusho ukuthini ukufundisa izingane

ukufunda okubhaliwe.

Ngonyaka we-1980, e-Yale-New Haven Teachers Institute eMelika, amathimba amabili

abacwaningi ezingeni likazwelonke, enza ucwaningo ngokwehlukana mayelana

nokufunda kwabafundi abenza izifundo zakwa-Humanities nezobuchwepheshe.

Bavumelana ngokuthi kumele kwenziwe ngcono indlela okufundwa ngayo okubhaliwe

kusukela phansi kuya emabangeni aphezulu esikoleni. Lokhu kwakungenxa yamazinga

aphansi ngokwethusayo kwabafundi okufunda okubhaliwe nokuqondisisa abakufundayo.

Ikhomishana ebhekelela ukufundwa kwemibhalo ezikoleni yabe isiyakha indlela

eyayizosiza abafundi ekuthuthukeni ngokufunda imibhalo, ukubhala kanye nokucabanga

okuphusile. Babuye bathola nokuthi kwakunesidingo sokuba kubhekwe ukuthi izifundo

zakwa-humanities nezobuchwepheshe kwakumele zifundiswe ngendlela enobudlelwano

(integration), kungabi nje sengathi isifundo nesifundo sizimele sodwa asinabudlelwano

nezinye. Ngale ndlela kwaqalwa kwafundiswa abafundi ukufunda okubhaliwe, bakwazi

ukufunda ngokuqondisisa kuyo yonke imikhakha esezikoleni. Ngenxa yalolu shintsho,

kwaba khona ubungcono obukhulu kubafundi; indlela abase befunda ngayo kahle

imibhalo, beqonda nabakufundayo okuyinto eyayikade ingenzeki phambilini. Lokhu

kukhombisa khona ukuthi ukuhluleka ukufunda okubhaliwe kukhubaza

inqubekelaphambili yomntwana ekufundeni jikelele, abonakale ehluleka ngenxa

yokungabi nawo amakhono okufunda okubhaliwe (Youngblood, 2007).

Kusukela ngonyaka we-1997 kuya onyakeni wezi-2000, eMelika, iNational Reading

Panel (NRP) yenza ucwaningo ilandela ulwazi olwatholakala emiphumeleni yocwaningo

olwalumayelana nokufundisa ukufunda okubhaliwe, ikakhulukazi emazingeni aphansi.

Izihloko zocwaningo lwamabanga aphansi i-NRP eyayizibheka yilezo ezazimayelana

nalokhu: ukufundiswa kolwazi lwezinhlamvu/lwezimelamsindo (phonemic awareness),

ukufundiswa kwemisindo (phonics), ukufundiswa kolwazi lokubona / lokuhlonza igama

(word recognition), ukufundiswa kokufunda ngokungangingizi / ngokunganqikazi

(fluency), ukufundiswa kolwazi-magama (vocabulary), kanye nokufundiswa kokufunda

47

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!