26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

4.7.1 ULWAZI LOKUFUNDA NOKUBHALA (LITERACY)

I-UNESCO ichaza ulwazi lokufunda nokubhala (literacy) njengokukwazi ukukhomba

(identify), ukuqonda (understand), ukuhumusha (interpret), ukwakha (create), ukudlulisa

umlayezo (communicate), uphinde usebenzise imibhalo ehambisana nezimo ezahlukene.

Ukufunda nokubhala (literacy) kungumgogodla wokufunda ngoba ukuze umuntu akwazi

ukuphumelela ngokwemfundo, kumele akwazi ukufunda nokubhala. Lokhu kusho ukuthi

ofundayo kumele abe nolwazi lokufunda nokubhala, okuzomsiza ekutheni akwazi

ukufunda izincwadi neminye imithombo ezomsiza ukuba athole ulwazi, aphinde akwazi

ukuphumelela ezivivinyweni zakhe. Isibonelo, esikoleni abafundi bahlolwa ngezivivinyo

ezincane (tests) nezinkulu (examinations). Ukuze uphumelele ekubhaleni isivivinyo

esincane noma esikhulu, kufanele ukwazi ukufunda nokubhala, uzilungiselele ukubhala

ngokuthi ufunde imithombo yolwazi, ukwazi ukuzwa imiyalelo oyinikwayo

esivivinyweni ngoba okudingwa umbuzo wesivivinyo kuzodingeka ukuba ukwazi

ukukufunda bese uphendula ngokuthi ubhale impendulo.

Ngale ndlela ukubhala nokufunda okubhaliwe kubamba iqhaza elikhulu ekuphumeleleni

nasekungaphumelelini komfundi esivivinyweni. Kusemqoka futhi ukuthi kugcizelelwe

ukuthi alikho izinga lokubhala nokufunda okubhaliwe umuntu angafinyelela kulo ukuze

athi useyakwazi ngokwanele ukufunda okubhaliwe, ngakho akasadingi kufunda lutho,

usegogodile ngokufunda okubhaliwe kanye nokubhala. Lokhu kungenxa yokuthi ulwazi

lokufunda nokubhala luyinto eqhubeka njalo, engamiyo, ethuthuka impilo yomuntu

yonke. Yingakho kubuye kungezwakali kahle ukuthi ukufunda okubhaliwe kulikhono

ngoba lokhu kwabanye kungakha umqondo wokuthi ikhono phela liyinto efundwayo

futhi umuntu akwaziyo ukuthi ayifunde ayizuze ngokwanele, bese engabe esadinga

ukuqhubeka nokulithuthukisa ngoba kuyenzeka ikhono likhule ngokwanele.

Kanti lokhu kuyinto engenzeki ngokufunda umbhalo nokubhala. Ngikusho lokhu ngoba

umuntu uze afe efunda izinto ezintsha angazazi impilo yakhe yonke, singeke sazazi

zonke izinto ezifundwayo nezibhalwayo, kodwa sifunda njalo size sife. Ngale ndlela-ke

kuhle umfundi osemncane alekelelwe ekuthuthukiseni ulwazi lokubhala nokufunda,

125

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!