26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

7.2.1.2.5 NGOLWESIHLANU

Ngalolu suku uthisha waqale wabingelela abafundi, babuzana impilo, wabe esebatshela

ukuthi babengezukuza ngaphambili ebhodini ukuzofunda ngoba ikilasi laligcwele ngaleli

langa. Isizathu ukuthi kwakunabafundi bakazakwabo owayengekho. Nansi inkulumompendulwano

eyaba khona:

T: Ok-ke. Konje yimuphi umsindo esiwufunde kuleli sonto?

L: Umsindo kanana(n), nomsindo kagogo(g) nomsindo wewele(w).

T: Yebo, umsindo kanana(n) nomsindo kagogo(g) , nomsindo wewele(w) , bese sithi

msindo muni-ke lowo, shono.

L: ngw,ngw,ngw

T: Asizukuza phambili ngoba sibaningi amagama sizowufunda sihleli phansi.

T: Namhlanje-ke asizukufunda ngamaqembu, ngizobiza umfundi afunde igama

engilikhombayo ebhodini, ngoba sizobhala isipelingi ngamagama asebhodini.

Kule nkulumo-mpendulwano kuyakhombisa ukuthi umsindo ka ‘ngw’ yiwona uthisha

ayegxile kuwo nangalo lolu suku. Kanti kwakuzolandela ukupelwa kwamagama.

Bafunda abafundi amagama ayesebhodini behleli phansi, baqeda lapho wabe esebiza

isibizelo samagama ayishumi, ayelandelwa umusho owodwa:

Fig. 21 Isibizelo samagama nomusho owodwa

Amagama esibizelo

uNgwane, ingwebu, ingwevu, inkulungwane, uHlongwane,

ingwenya, thengwa, esangweni, ingwe.

Umusho: Ingwe idla ngamabala

Kuleli thebula elingenhla, kuyafakazeleka ukuthi isipelingi nokubhalwa komusho yizona

zinto okwakugxilwe kuzo ngosuku lwangoLwesihlanu. Lapho eseqedile lokhu, watshela

abafundi ukuba bavale izincwadi zabo ngoba base bezokwenza enye into ehlukile.

Uthisha wabe eseqala isifundo esisha esebafundisa ngebizo. Wababuza ukuthi ibizo

liyini, wacela izibonelo zamagama angamabizo. Lapho bewanikeza wayewabhala

243

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!