26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

6.2.1.2 UKWETHULWA KOMSEBENZI WOSUKU NOSUKU

6.2.1.2.1 NGOMSOMBULUKO

NgoMsombuluko lapho iviki liqala, kulapho uthisha ethula umsindo omusha. Lapho

ethula lowo msindo, uqala ngokudweba ebhodini umfanekiso wento ethile igama layo

elizoba nomsindo lowo ozokwethulwa futhi umsindo ozobizwa ngayo. Ngesonto

lokubukela othisha befundisa kwakugxilwe emsindweni ka ‘ph’ njengoba ngike ngaveza

ngenhla, uyedwa uthisha owayegxile emsindweni ka ‘hl’. Njengoba besengike ngachaza

phambilini, umsindo u ‘ph’ othisha bafundisa abantwana ukuthi umsindo wophaphe,

batshela izingane ukuthi wakhiwa ngokuhlanganisa umsindo wepani nomsindo wehawu.

Kanti umsindo u ‘hl’ othisha bathi umsindo wehlahla, owakhiwa ngokuhlanganisa

umsindo wehawu nomsindo welala. Ngesikhathi othisha bethula umsindo u ph’

babebhala isithombe sophaphe, babuze abantwana ukuthi sithombe sini abasibonayo.

Abantwana babephendula ngezindlela ezahlukene kodwa kugcine ngokuthi kube khona

ozokwazi ukubona ukuthi sithombe sini esidwetshiwe ebhodini kumbe eshadini

elinamekwe ebhodini. Isibonelo, uthisha uMbali wadweba uphaphe ebhodini wabe eseba

nale nkulumo-mpendulwano nabafundi bakhe ngesikhathi ethula umsindo ka ‘ph’:

T: Ubani ongangitshela ukuthi yini le engiyidwebile?

L1: Imbali

T: Hawu ngeke akusiyo imbali le,omunye uthi yini?

L2: Isihlahla

T: Ngeke akusiso isihlahla lesi,omunye ucabangani?

L3: Isundu

T: Cha akusilo isundu.Yini?

L4: Uphaphe

T: Good uphaphe loluyana, yini?

L: Uphaphe (besho bonke kanyekanye).

Lokhu kwakwenziwa yibo bonke othisha basesikoleni iMbalenhle. Lokhu kungenxa

yokuthi amalungiselelo esifundo bawenza ndawonye. Isibonelo: ukuthi kuzofundiswani,

kanjani, njalonjalo. Nokho-ke uthisha nothisha wayebuye akhombise ikhono lakhe

195

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!