26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

anolwazi oluthile ababelana ngalo abalutholayo kuMnyango weMfundo kumbe

ngezinye izindlela.

5.2.5 UKUFUNDISA IZINCAZELO ZAMAGAMA NOLWAZI LOKUBONA IGAMA ELITHILE

5.2.5.1 ULWAZI LOKUBONA AMAGAMA

Ulwazi olwatholakala ngezingxoxo lwaveza ukuthi abafundi baye bafundiswe ukukwazi

ukubona igama, okungamagama anezinhlamvu abasuke sebezifundile. Uthisha lapho

efundisa imisindo uyaye ayisebenzise ukwakha amagama aphelele. Lawo magama

bangawakha ngezinhlamvu lezo ezisuke sezifundiwe bahlanganise nohlamvu lolo olusha

olufundwa kulelo sonto. Igama lingasebenza emshweni, abantwana bakwazi ukulibona,

bazi nencazelo yalo. Abantwana bangacelwa ukuba balikhombe igama lelo phakathi

kwamanye amagama noma emshweni omfishane.

Lapho abantwana sebekwazi ukulitomula igama emshweni, uthisha uyaye abenze nokuba

balibhale. Isibonelo, uthisha angenza isiqephu esifushane acele abafundi ukuba

balitomule kuleso siqephu esifushane. Nakhona lapho lokhu kuye kuhambisane

nesithombe, kube yiso esinikeza umfundi umqondo wokuthi gama lini elidinga alifakele.

Lapho abafundi sebefundile ngomsindo omusha lowo wangalelo sonto, bakha amagama

besebenzisa nemisindo asebevele beyifundile. Lapha uthisha uyaye aqikelele ukuthi

imisindo engonkamisa isetshenziswa kahle nongwaqa ukwakha amagama anomqondo.

Uthisha uJabu uthi:

...kufanele umbuze ukuthi igama elithi i-yunivesithi liphi kule ndaba?

Usezofunda ke mhlampe uyalibona emshweni othi uMark wayefunda

eyunivesithi yaseUKZN, umbuze ukuthi igama elithi isigcwelegcwele liphi

kule ndaba...

182

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!