26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

3.2 UMKLAMO NEZINDLELA ZOKUQHUBA UCWANINGO

3.2.1 IPHARADAYMU (PARADIGM)

I-pharadaymu inikeza uhlaka lwamagama okuyiwona alekelela umcwaningi ukuba abone

futhi akhe umqondo othile mayelana nokwenzeka kwesimo esithile. UBurrell

benoMorgan (1979, p. 24) babeka ukuthi ukuba ngaphansi kwepharadaymu kusho indlela

obuka ngayo umhlaba. Futhi-ke nangempela i-pharadaymu ibizwa ngokuthi ukubukeka

komhlaba (world view) (Patton, 1990, p. 37). Lolu cwaningo-ke nalo lungaphansi

kwepharadaymu ngoba lubuka umhlaba ngehlo lepharadaymu olungaphansi kwayo, iconstructivist

paradigm.

USherman (1995), noBerger benoLuckmann (1967), kanye noRowlands (2005, p. 83)

bathi i-constructivism ithungatha incazelo ezintweni eziphathelene nomphakathi noma

nenhlalo yabantu futhi igcizelela ukuthi abantu bayazakhela izikhungo zabo, imigomo

elawula lezo zikhungo noma amaqembu abo enhlalo. Njengokuthi nje i-constructivist

paradigm igcizelela ubumqoka bokuba kubhekwe ukuthi abantu abathile

abehlukahlukene bazakha kanjani izinkolelo zabo noma lezo zinto abakholelwa kuzo

(Lincoln & Guba, 1989, pp. 44-45). Ngaleyo ndlela, lolu cwaningo luhlose ukubheka

ukuthi othisha basemabangeni aphansi (ibanga lesibili nelesithathu) bakufundisa kanjani

ukufunda okubhaliwe, futhi bakuchaza kanjani. Lokhu kuveza umqondo wokuthi

abakwenzayo nabakushoyo bakwenza ngoba bekholelwa ukuthi kufanele kwenzeke

ngendlela abakwenza ngayo. Kungenxa yalesi sizathu-ke ukuba le pharadaymu ifanelane

nalolu cwaningo.

3.2.1.1 I-CONSTRUCTIVIST PHARADAYMU (CONSTRUCTIVIST PARADIGM)

I-constructivism yindlela esetshenziswa wothisha ekufundiseni izifundo ezahlukene, kanti

futhi ivela ocwaningweni lokucubungula ukuthi abantu bafunda kanjani (Farstrup &

Samuels, 2003, p.26). Njengoba oFarstrup no Samuels bebeka, lokho okufundwayo

kungeke kwahlukaniswa nendawo noma nesimo okwenzeka kuso. Ngakho-ke iconstructivism

igcizelela ukuthi abantu abathile noma abantu bamaqembu athile enhlalo

bazakha kanjani izinkolelo zabo, noma izinkolelo abanazo ngezinto abazenzayo.

86

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!